IRichards Bay izozwana amandla neSundowns kwiMangosuthu Cup

IRichards Bay izozwana amandla neSundowns kwiMangosuthu Cup
Abadlali beRichards Bay ngesikhathi bejabulela indebe yeGladAfrica Championship
Alfred Ngubane

Amaqembu amathathu adlala kwiDStv Premiership azozwana amandla kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup ngaphambi kokuvulwa kwesizini.

Le midlalo ngeyokuhlonipha uMntwana wakwaPhindangene ngeqhaza alibambile ekuthuthukiseni abantu baseNingizimu Afrika.

Usuku olubekiwe ezizogalisana ngalo ngumhla ka-23 kuNtulikazi ePrince Mangosuthu Regional Stadium KwaNongoma.

Kuyobe kugadulisana iMamelodi Sundowns engompetha beDStv Premiership AmaZulu FC neRichard Bay FC engomakoti kulesi sigaba.

Le midlalo izoba yithuba elihle lokuzicijela isizini kweRichards Bay nokuzikala ukuthi isondele kanjani ezingeni lamaqembu akwiPremiership.

Lamaqembu kulindeleke ukuthi akhangise nangabadlali abasha abasayinile njengoba kulungiselelwa isizini entsha nje okulindeleke ishube kakhulu.

AmaZulu okuyilona osokhaya kule midlalo, asevele aseqalile ukusayina abadlali abaningi abanonhlonzo njengoba sebeyishumi ebalandile.

Idedele nenqwaba nengoba bengaphezu kuka-13 kumanje kanti kusalindeleke ukuthi bakhona nabanye abangase bakhululwe.

FUNDA NALA: Kuphinde kwaqhuma izembe kwiChiefs, ladlula noMphahlele

Le midlalo izoba ivulelekile kubabalandeli basenyakathi yogu lwaKwaZulu-Natal ukuthi bazozibonela ngamehlo enyama amaqembu abo endaweni yangakubo.

IPrince Mangosuthu Lagacy Cup yaqala ngo-2017 yagcina ngo-2018 kanti ayibanga khona kule minyaka emithathu elandela lapho.

Ngokusho kwabahleli bayo, izosiza nasekufukuleni umnotho wezindawo zasoLundi namaphethelo.

Kuzokwengezwa neqembu lasendaweni elizoba ngelesine kulo mqhudelwano ngenhloso yokuziswa abadlali balo ukuthi kunjani ukudlala nabadlali bezigaba ezikhokhelayo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.