IRichmond United izoyivimba noma izoyiyeka izitapele amaphuzu iDowns?

IRichmond United izoyivimba noma izoyiyeka izitapele amaphuzu iDowns?
UDABA: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Twitter
Ngabe iRichmond United ingaqopha umlando ibe yiqembu lokuqala ukuzwisa iMamelodi Sundowns Ladies induku kule sizini yeHollywoodbets Super League?
Lo mbuzo ilula impendulo yawo. Ithi cha. Ngaphandle ke uma ungumlandeli noma usondelene neRichmond United nakhona uzokhohliselwa yinhliziyo.
Phela kulindeleke ukuthi iSundowns Ladies FC iziqhubekele nokutapa amaphuzu kulo mdlalo oseGroenkloof Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Alikho iqembu elike lashaya iSundowns uma idlala ekhaya kule sizini. Leli qembu lihlezi kahle esicongweni seligi ngamaphuzu angu-28.
IDurban Ladies yona izotholana phezulu ne-Univeristy of the Western Cape ngawo uMgqibelo eKing Zwelithini Stadium ngo-1 emini.
Leli qembu elizinze eThekwini linqobe imidlalo emithathu ilandelana futhi ke i- UWC kwembulwa kwembeswa kuyo uma idlala ekuhambeni.
IBloemfontein Celtic idlala ekhaya neCoal City Wizards eDr Molemela Stadium ngo-3 ntambama. ICeltic ayikaze ithole ubunzima kumaqembu angezansi kunabo kwiligi.
FUNDA NALA: Ungqongqoshe uthi iDundee July ishintsha izimpilo
IFirst Touch yona izobhekana ne-University of Johannesburg, eSeshego Stadium ngo-3 ntambama.  IFirst Touch iyiqembu elidlala kahle uma lisekhaya kuthi i-UJ izinto azibahambeli kahle ekuhambeni.
IGolden Ladies idlala neqembu elihlezi ezithendeni zeSundowns endaweni yesibili kwilogi, iTshwane University of Technology (TUT) .
IGolden Ladies ayenzi kahle futhi ibhekene nesambane kwiSuper League njengoba lihlezi emsileni ngamaphuzu ayisithupha emuva kwemidlalo engu-11.
Leli qembu kuzomele liqale ukuqoqa amaphuzu uma kuwukuthi lizimisele ukusinda ekudliweni yizembe.
EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.