IRockets ibuyisele amaSandawana kwamhlaba

USibuso Vilakazi weTS Galaxy
Sihle Ndlovu

I-TS Galaxy imanagaze iMamelodi Sundowns iyibeka kwamhlaba ngokuyishaya ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu ebusuku.

Abaningi bebelindele ukuthi Abafana Ba-Style bawuwine lo mdlalo ngemuva kokuthi ishaye iCape Town City ngo 2-0 emdlalweni wokuvula ngempelasonto edlule. Nokho iRockets ifike ePitori yayishintsha yonke into ikhombisa ompetha beligi ukuthi nabo bayashayeka.

Umdlalo ubuvulelekile amaqembu ehlaselana kakhulu. Kodwa okumangaze kakhulu ukuthi iRockets ibinokuzethemba okukhulu kulo mdlalo oshintshe ihamba phambili ngo 1-0.

IGalaxy beyize kulo mdlalo izozama ukuthola amaphuzu aphelele ngemuva kokudlala ngokulingana naMaZulu ngo 0-0 ngempelasonto edlule. Iqophe omkhulu umlando ishaya iSundowns ekhaya okokuqala ngqa emlandweni wayo.

Igoli eliwinise iGalaxy lishaywe nguHlongwane ngomzuzu ka-34. Akungabazeki ukuthi uSibusiso Vilakazi, obedlalela iSundowns ube nesandla esikhulu ekushayweni kwaleli qembu lasePitori ngoLwesithathu.

ISundowns izobhekana neKaizer Chiefs emdlalweni wePremiership ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Nakanjani uzoshuba lo mdlalo njengoba womabili amaqembu ezobe efuna amaphuzu amathathu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.