IRockets iphume ezembeni ngokushaya iBucs

Sihle Ndlovu

I-TS Galaxy izikhiphe obishini lokudliwa yizembe ngokushaya i-Orlando Pirates ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership, eMbombela Stadium, ngoMsombuluko ntambama.

IRockets ingelinye lamaqembu angaphephile ezembeni kodwa imiphumela yakamuva ikhombisa ukuthi leli qembu liyazama. Kulo mdlalo iGalaxy idlale elihle ibhola leli, iphaselana ibhola ngobunono.

Okugqamile ukuthi umdlalo ubushesha kakhulu futhi ungalokhu uphazanyiswa ukuma. Abengasabani womabili amaqembu edlala ngokuvulelekile.

Igoli elishukumise inkundla lingene ngomzuzu ka-34 lishaywa uLifa Hlongwane. Bekuvele kubukeka kuyiGalaxy ebizoshaya igoli kuqala ngendlela ebilinyathela ngayo.

Nangemuva kokushaya igoli ayizange ihlale emuva kodwa izamile ukuthola igoli lesibili. Empeleni ibhola okuthiwa yi-offside kubukeke sengathi uyibambele unompempe iRockets.

Ukushaywa kweBucs kuyinciphisele amathuba okunyuka kwilogi ukuze izibeke ethubeni lokudlala emiqhudelwaneni yeCAF ngonyaka ozayo. Ngasohlangothini lweGalaxy ifake ingcindezi emaqenjini amafana neBaroka FC, Swallows  FC neMaritzburg United.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.