IRoyal AM ibhekene nomqansa weChiefs nePirates ngo-Agasti

Sihle Ndlovu

IRoyal AM izobhekana nezinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, kabili ngo-Agasti, emiqhudelwaneni ehlukene.

IThwihli Thwahla izovula imidlalo yesizini entsha yeDStv Premiership ngokubhekana neChiefs, eChatsworth Stadium, ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama. Lo mdlalo kulindeleke ukuthi ushube kakhulu ngoba ungowamagqubu kuMakhosi abe wukudla kwenduku kabili kwiRoyal AM ngesizini edlule.

Emdlalweni wokuqala weligi iThwihli Thwahla ishaye iChiefs ngo 4-1, nokuyinto emangaze abaningi ngoba ibifika kwiPremiership. Iwaphindile Amakhosi yawashaya ngo 1-0 emdlalweni wesibili kwacaca ukuthi ayilizwa leli qembu laseNaturena.

IRoyal AM izophinde yamukele iqembu laseSoweto eChatsworth Stadium, ngo-Agasti 27. Kulokhu izobhekana nePirates emdlalweni we-quarterfinal yeMTN 8 ngoMgqibelo (Agasti 27) ngo-6 ntambama. Imidlalo yeMTN 8 izoqala ngoweCape Town City naMaZulu  FC, e-Athlone Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

NgeSonto (Agasti 28) igiya lizoqhubeka nokukhuphuka njengoba iStellenbosch FC izokwamukela iChiefs eDanie Craven ngo-3 ntambama. IChiefs iwashiye wonke amaphuzu kule nkundla ngesizini edlule ngesikhathi ishaywa yiStellies ngo 1-0.

Emdlalweni wokugcina we-quarterfinal kuzotholana omkhaya iMamelodi Sundowns neSuperSport United eTuks Stadium, ngeSonto ngo-6 ntambama. Kuzobe kungokokuqala uRonwen Williams ebhekana neqembu lakhe lakudala kulandela ukusayina kwiSundowns emasontweni edlule.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.