Alfred Ngubane
Kufanele ukuthi womabili amaqembu anelisekile ngokucazelana amaphuzu emdlalweni womkhaya baKwaZulu-Natal phakathi kweRoyal AM naMaZulu FC ngeSonto ntambama.
Lo mdlalo obuseChatsworth Stadium besudle ngokushuba. kucaca ukuthi alikho elizimisele ngokushaywa kuwo.
Lo mdlalo bewungemuhle esiwombeni sokuqala njengoba womabili lamaqembu abephuthumana enganikani ithuba lokubamba ibhola.
Esiwombeni sokuqala, yize amathuba abekhona, kodwa alikho elicacile okungathiwa belilihle kwazise abehluleka womabili ukugcina ibhola aphaselane kahle.
IRoyal AM beyikhombisa ukuthi ifuna ukuhlasela njengoba iqale ngabagadli abathathu – oVicotor Letsoalo, Ndumiso Mabena noMxolisi Macuphu.
Ibizama ukuthumela amabhola amade kubo kodwa behluleke wukuwafica kuqala kunezitobha zoSuthu.
Ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili ezikaMaMkhize zincishwe iphenathi kulandela ukuthi uPhilani Zulu ebhodoloshe uShauna Mokgailwa waze wamqumba phansi.
FUNDA NALA: Sekuthenjwe iPirates kwiCaf, nakuyo kodwa kubanjwe ngamazinyo
Esikhathi esingatheni ukusuka lapho, uMokgailwa uthole elinye ithuba ebekelwa ibhola phambi kwakhe nguMacuphu.
Ubesebhekene noVeli Mothwa kuphela, walicupha kahle ethi uyadla kodwa ibhola lakhe laphuma eceleni ekubeni bekubonakala ukuthi unozinti ubengeke esalifica.
ULetsoalo usale engazi ukuthi kwalephi lingagaxeli enethini ibhola lakhe ngomzuzu ka-59 ngemuva komdlalo omuhle wakhe noMacuphu.
IRoyal AM ibekelwe ibhola phansi ngaphakathi ebhokisini loSuthu ngomzuzu ka-73 kulandela ukuthi u-Abubaker Mobara ezame ukulibamba ngezinyawo zombili ibhola.
NoSuthu lube seluqala luyibuka ingozi, nalo layiqala iminyakazo eya phambili kodwa lifice kusavalekile.