IRoyal AM ifuna uKrol owabutha izicoco nePirates kudala

IRoyal AM ifuna uKrol owabutha izicoco nePirates kudala
URuud Krol
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IRoyal AM ifuna ukulanda uRuud Krol owayeqeqesha i-Orlando Pirates ngesikhathi ibutha izicoco ngo-2011. Ngaphansi kwalo mqeqeshi, iPirates yayishaya kwasani oluphambi kwayo.

Impempe seyithole ukuthi yingakho iRoyal AM seyiphume umkhankaso wokubuyisa lo mqeqeshi kuleli.

Ikwenza lokhu nje kungenxa yokuthi isanda kuthenga isitifiketi seBloemfontein Celtic sokudlala kwiDStv Premiership.

Omunye wabasondelene naleli qembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize nendodana yakhe u-Andile Mpisane uthe uKrol nguyena ohamba phambili kubaqeqeshi abafunwayo.

“Kunohlu lwabaqeqeshi abanohlonze abababhekayo kodwa uKrol nguyena ophambili. Sebengakhalela nje kwabanye uma behlulekile ukuthola uKrol.

“Engikwaziyo wukuthi njengamanje baphume inqina yokufuna uKrol ngoba bakholwa wukuthi nguye ozokwazi ukudlalisa leli qembu ibhola elihle kodwa elihambisana nemiphumela.

“Uyakhumbula nawe ukuthi lalilihle kanjani ibhola elalidlalwa yiPirates isaqeqeshwa nguye nokuthi yayizitamuzela nje ezicocweni,” kusho lo mthombo.

FUNDA NALA: UZinnbauer ubika imbiba, ubika ibuzi ngokushaywa yiSwallows

Enye yezimenenja zabadlali nabaqeqeshi okhulume neMpempe, uvumile ukuthi useke wabuzwa ukuthi engakwazi yini ukuthola lo mqeqeshi amlethe kwiRoyal AM.

“Impela sebekhulumile nami bangazisa ukuthi badinga uKrol. Babuze ukuthi ngingakwazi yini ukubatholela yena ngoba vele sengike ngasebenzisana nabo phambilini,” kusho le menenja ecele ukungadalulwa okwamanje.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.