IRoyal AM igoloze lwaze lwagoba kwiPSL uphondo ngecala

IRoyal AM idaze inkani lahlehliswa icala layo kwiPSL
UNande Becker
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Lihlehlisiwe icala obekumele lingene ngoMgqibelo la isigungu esiqondisa izigwegwe sePremier Soccer League ebesifuna iRoyal AM estikini. Leli qembu libhekene namacala okungayi emidlalweni yokkuhlungela elizonyuselwa kwiDStv Premiership ngasekupheleni kukaJuni.

IRoyal AM ayizange ilubhade emidlalweni eyayiqhathwe kuyo neChippa United neRichards Bay ngoba ithi isalinde isinqumo senkantolo ngecala layo. Yafaka isicelo sokuba kujikiswe isinqumo sokubeka iSekhukhune United njengompetha beGladAfrica Championschip.

Ithi kumele kube yiyo ompetha ngakho ngeke idlale eyokuhlunga yona. Umshushisi wePSL, uNande Becker nokho ube eseyibizela esigungwini esiqondisa izigwegwe ngalokhu. Icala bekumele lingene ngoMgqibelo womhla ka-17 kuJulayi.

Sekuvele ukuthi libe selihlehliselwa uMgqibelo womhla ka-24 kuJulayi kulandela ukuthi iphinde yabhalela iPSL iyazisa ukuthi yina ayizuwubeka umconjwana wayo lapho. Ithe isalinde isinqumo secala ebeliqulwa ngoLwesithathu oludlule.

“Iqembu lifake isicelo sokuba kuhlehliswe kodwa alangabuletha ubufakazi obufanele bokuthi kungani licele lokhu. Ngokubhekelela ubulungiswa, sinqume ukuba sibanikeze ithuba lokuthi balethe konke okudingekayo.

“Udaba seluzolalelwa ngoMgqobelo ozayo,” ucashunwe esho kanje uBecker kwiSunday World. Ummeli weRoyal AM, okuyiqembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize, uthe bekuzoba wukudlala ngesikhathi nje ukuqhubeka naleli cala le PSL.

“Ingxenye yecala ebesikulo ukuthi inkantolo inqume ngokuthi ngabe iPSL ayizange yini yephule umyalelo wenkantolo (ngokuqhubeka nemidlalo yokuhlunga).

“Uma inkantolo ivumelana nathi kulokho, kusho ukuthi lesi sithangami sokuqondiswa izigwegwe siwukudlala ngesikhathi nje. Kube wubuhlakani ukuthi iPSL inqume ukungaqhubeki nakho kuze kuphothulwe icala,” ummeli u-Eric Mabuza.

Uqhube waveza nokuthi nakho ukubabeka icala kuseyikho ukuphikisana nemiyalelo yenkantolo. “Thina sithi bekuzoba yinto embi kakhulu ukuthi kuqhutshekwe nokuqondiswa kwezigwegwe…

“Ikakhulukazi njengoba sisacele inkantolo ukuthi ithole ibamba lesikhulu esiphezulu nePSL benecala lokwephula umyalelo wenkantolo,” kusho uMabuza.

FUNDA NALA: Bagonqe eJapan abeqembu lakuleli abatholwe beneCovid-19 kuma-Olympics

IRoyal AM yathola incwadi yenkantolo eyayivimbela ukuqhubeka kwemidlalo yokuhlunga. Kodwa iPSL yaqhubeka nayo ngemuva kokuthi icala lokuqala leRoyal AM lichithiwe enkantolo.

Leli qembu lafaka esinye isicelo sokuba linikwe igunya lokufakela inselelo isinqumo esabeka iSekhukune njengompetha beligi. Isinqumo ngalamacala eRoyal AM silindeleke ngesonto elizayo.

Sekunokwesabela ukuthi lokhu kuzobambezela ukuqala kwemidlalo yeligi ezigabeni ezikhokhelayo kuleli. Ngokujwayelekile imidlalo yezigaba ezikhokhelayo kuleli iqala ngasekuqaleni kuka-Agasti.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *