IRoyal AM ihlanza amaqiniso ‘ngokufunwa’ kukaLetsoalo yiChiefs

IRoyal AM ihlanza amaqiniso 'ngokufunwa' kukaLetsoalo yiChiefs
UVictor Letsoalo okususe umsindo ukusayina kwakhe kwiSekhukhune United
Sbongs Gumbi

Iwakhahlele ngazo zombili iRoyal AM amahlebezi okuthi yona yenyusa imali eyifunayo ngomgadli uVictor Letsoalo ngoba efunwa yiKaizer Chiefs.

La mahlebezi akhule kakhulu kusukela ngoLwesithathu ntambama ngemuva kokuvela kokuthi lo mgadli usedayiselwe iSekhukhune United ekubeni ebebhekwe kwiChiefs noma i-Orlando Pirates.

Abalandeli, iningi labo okungabeChiefs, bebesola leli qembu likaMaMkhize ngokuthi liyayenyanya iChiefs kwazise kwake wavela ukuthi lifune uR20-million ukuze liyinike uLetsoalo.

Yize kungakaveli ukuthi iSekhukhune imthole ngamalini, kodwa kuyacaca ukuthi ayifikanga kule okuthiwa yayibekelwe iChiefs.

Nokho iRoyal AM seyikhiphe isitatimende ithi yona ayikaze ithole esinye isicelo esivela eqenjini elifuna lo mdlali ngaphandle kweSekhukhune.

“UVictor Letsoalo ube ngumdlali olenzele lukhulu iqembu futhi ube nesandla empumelelweni yalo,” beyifundeka kanje ingxenye yesitatimende esikhishwe ngoLwesine ntambama.  

“Ube nesizini enhle njengoba eshayele iRoyal AM amagoli angu-14 kuyo yonke imiqhudelwano, futhi uziphathe kahle ngendlela elindeleke kumdlali webhola elikhokhelayo ngaso sonke isikhathi.

“Ukudlala kahle kwakhe kube sekuheha izicelo ‘mbumbulu’ ngaye. Thina besihlezi sikulungele ukwamukela izicelo ezibhalwe phansi ngalo mdlali,” kuqhuba lesi sitatimende. 

“Ngeviki elidlule umdlali ube eseya kubaphathi beqembu wafike wacela ukuthi adedelwe ngoba unesifiso sokuyodlala eqenjini eliseduze nasekhaya (eLimpopo).

“Umengameli nosihlalo weqembu, ngokubambisana namalungu ebhodi leRoyal AM, babe sebekuvumela lokho. 

“Ngemuva kwalokho kube sekufika incwadi ephuma kwiSekhukhune United ibuza ukuthi ingadayiselwa yini lo mdlali. Ibe seyibuya nesicelo esibhalwe phansi, semukelwa yiqembu.

FUNDA NALA: UZondo akafuni iRoyal AM igcine seyifana neChiefs

“Amaqiniso ngalolu daba yilawa: Amahlebezi agcwele kwabezindaba okuthi iKaizer Chiefs noma elinye iqembu lePremiership belifuna lo mgadli weBafana Bafana ngo-R20 million, akulona neze iqiniso. 

“Sinobudlewalo obuhle neKaizer Chiefs nawo wonke amanye amaqembu kwiPremier Soccer League. Ukube besizitholile izicelo ezibhalwe phansi ezivela kwamanye amaqembu, besizozicubungula. 

“Siyiqembu ngeke sinqabe noma sivimbe noma yimuphi umdlali uma ecele ukudedelwa aye kwelinye iqembu uma kunesicelo esibhalwe phansi.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *