IRoyal AM ihlela kabusha izinto, ingase iqashe u-OJ Mabizela

IRoyal AM ihlela kabusha izinto, ingase iqashe u-OJ Mabizela
OMxolisi Macuphu, Thabo Mtlaba. Shaune Mogaila noMarlon Hueghes
Intatheli yeMpempe

IRoyal AM seyisayine abadlali abane abanamava njengoba iqinisa iqembu ukuze ifakele iMamelodi Sundowns inselelo ngesicoco seDStv Premiership.

Laba badlali abane ngoThabo Matlaba, Mxolisi Mzcuphu, Shaune Mogaila noMarlon Heughes. UMatlaba, Impempe ike yabika ngaye ngoMsumbuluko ukuthi usecele ukukhululwa kwiSwallows.

Laba abanye abathathu basuka kwiTS Galaxy kanti bebeyingxenye yeqembu okwenza kuxake ukudedelwa kwabo kalula kanjena.

Impempe seyiphinde yezwa nangandlebenye ukuthi leli qembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize lizoqinisa nethimba labaqeqeshi.

Kuvela ukuthi iRoyal AM seyivele ibadedelile oDitheko Mototo obeyiphini lomqeqeshi, noSimon Gopane obepheka onozinti.

Kuthi leli qembu lifuna ukuhlela ithimba lalo ngendlela engakaze ibonakale kuleli njengoba lizoba nabaqeqeshi ababhekelele abagadli nezotobha.

Kuthiwa kokulinganiselwa kubo ukusiza izitobha kukhona noMbulelo “OJ” Mabizela owayeyinsimbi engagobeki emuva kodwa ehlushwa wukwehluleka ukuziphatha.

“Kusekhona ezinye izinguquko ezizayo kwiRoyal AM njengoba ithimba labaqeqeshi nalo lisazohlelwa kabusha nje.

FUNDA NALA: IChiefs ibashaye ngethembisa enzima abalandeli ngabadlali abasha

“Ngizwe kuthiwa kunomqeqeshi omkhulu ozoqashwa abe yinhloko yezokuqeqesha bese kuba nabazosiza izitobha nabagadli,” kusho umthombo weMpempe.

Sesigcine sitholile ke ukuthi lo mqeqeshi omkhulu okukhulunywa ngaye nguRuud Krol owazakhela udumo kuleli epheka i-Orlando Pirates phambilini.

Leli qembu laseMgungundlovu liphinde ladedela nabadlali njengoba kuthiwa linciphisa isibalo nje.

Phakathi kwabadliwe yizembe singabala unozinti uJackson Mabokgwane, Sera Motebang, Siphelele Luthuli noRonald Pfambudzai.

ULuthuli noPfambudzai sebevele bathole ikhaya elisha kwiChippa United kanti uSera yena usekwiGolden Arrows.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *