IRoyal AM ikhipha isibhongo sobuhlungu edlule kubo ngesibhaxu: Mnisi

IRoyal AM ikhipha isibhongo sobuhlungu edlule kubo ngesibhaxu: Mnisi
Abadlali beRoyal AM bejabulela igoli
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Induku evulelwa yiRoyal AM kwiDStv Premiership yindlela yayo yokukhipha isibhongo kulandela ubuhlungu edlule kubo kulezi zinyanga ezimbalwa ezidlule.

Lokhu kuvezwe yisikhulu esiphezulu saleli qembu uSinky Mnisi kuleli viki, ethi asemaningi amanye amaqembu azozwa ulaka lwezikaMaKhize.

Ekhuluma naboKhozi FM ngoLwesibili, uMnisi uthe usezophatha nebhodi elibhalwe ukuthi ‘Shaya MaMkhize Shaya!’ uma eya enkundleni.

Lokhu uthi kungenxa yokuhlukumezeka le ntokazi engumengameli weRoyal AM ekutholayo kusukela yasungula leli qembu eliqanjwe ngendodana yayo u-Andile Mpisane.

“Buningi kakhulu ubuhlungu esesibuzwile, futhi sisabuzwa namanje,” usho kanje uMnisi ekhuluma ngokuwina kwabo imidlalo emine kulandelana.

“Lobu buhlungu kufanele sibukhiphe ngokuthi siwine imidlalo. Kuthiwa isibhongo usikhishelwa komunye umuntu.

“Ngasho ukuthi sizongena sigijima kwiTop 8. Ngisamile kulokho namanje, asiqedile ukushaya abantu.

“Sisazoqhubeka lapho sigcine khona, abantu abangatatazeli sizocothoza nje kancane size sifike la sibheke khona.

“Sifuna ukuletha ushintsho ebholeni, sijabulise abantu ngicabanga ukuthi sisayibambe kahle kulokho,” kuchaza uMnisi.

Ekhuluma ngokushaya kwabo iMaritzburg United ngo 2-1 emdlalweni wabo odlule, uthe babengeke bavume ukuthathelwa iphuzu besekhaya.

IRoyal AM yalishaya selubalwa amanenjana umdlalo uphele igoli lokuwina. Mkhulu ke umbango okhona kulamaqembu aseMgungundlovu.

Waqala ngesikhathi uShauwn “MaMKhize” Mkhize esaphethe iRoyal Eagles kubangwa ukusebenzisa iHarry Gwala Stadium.

“Bekunzima kulowo mdlalo kodwa ayikho inkunzi eyake yavuma ukukhishwa esibayeni sayo.

“Uma ungababuza abeMaritzburg ukuthi kwenzekeni, bazothi nabo abazi kodwa igoli lingenile,” kusho lo makadebona wesikhulu.

FUNDA NALA: Sesivelile isizathu sokunyamalala kukaMosele odoje iBafana

Ube esekhala nagalabo abavele bathi kufanele iMaMkhize Boys yenze kahle ngoba ithathe abadlali beBloemfontein Celtic abebevele benza kahle.

“Kunzima, akukho lula ukuthi abantu abathole abadlali beCeltic nabeRoyal AM babahlanganise kanje.

“Kuleli qembu eliqala imidlalo muva nje abayisithupha bebekwiRoyal AM ngesizini edlule.

“Nabo laba abasuka kwiCeltic abeRoyal AM manje. Ngifuna ukubhala ibhodi elizothi ‘Shaya MaMkhize Shaya!’ ngoba abaningi abazwelayo uma siwina.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.