IRoyal AM iphuce iChiefs indebe yokubuyisa umuzwa wokuwina

IRoyal AM iphuce iChiefs indebe yokubuyisa umuzwa wokuwina
Sbongs Gumbi

IRoyal AM ingompetha beMacufe Cup okuyindebe iKaizer Chiefs ebisophe ukubuyisa ngayo umuzwa wokuwina izindebe eqenjini.

Umqeqeshi weChiefs u-Arthur Zwane ubeshilo ngaphambi komdlalo ukuthi ufuna babambe umgqigqo, bathole nomuzwa wokuphinde baqukule indebe.

Nokho akwenzekanga lokho njengoba ezikaMaMkhize ziwine sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni obuseMangaung Stadium eBloemfontein ngeSonto ntambama.

Nokho bekuze kwayiwa phansi kwepali nje beyizidembeselele yona seyiwina iRoyal AM yavumela iChiefs ibuyele emdlalweni.

Kube sengathi ungene nomathithibala ocindezele abadlali bakhe u-Andile Mpisane ngesikhathi iRoyal AM iyeka iChiefs seyiyibambile kulo mdlalo weMacufe Cup.

UMpisane ufakwe ngoba iRoyal AM seyiqedela isikhathi nje izitshela ukuthi seyivele iwuwinile lo mdlalo. Nokho ulicinge ngetoshi waze waphela umdlalo.

Kuthe kusenjalo, iChiefs yabekelwa ibhola phansi ngaphandle kwebhokisi leRoyal AM, uKeagan Dolly wayinemba kamnandi yadla enethini.

EzikaMaMkhize bezikade zihambe phambili sekusele imizuzu eyisithupha umdlalo uphele ngegoli likaRuzaigh Gaildien.

FUNDA NALA: Bashaya amakhala abeRoyal AM ngokudlaliswa kuksasihlalo ongajimi 

IRoyal AM beyingalithola elinye igoli kulo mdlalo kodwa yadlala ngawo amathuba ebiwakha. Nangaphambi kwegoli abekhona amanye amathuba kodwa womabili amaqembu adlala ngawo.

Umqeqeshi weChiefs u-Arthur Zwane ubenikeze abadlali abangajwayele ukudlala njengoThabani Dube ithuba kulo mdlalo.

Ubophele nomfana omncane uSiyanda Zwane ozalwa yinkakha ye-Orlando Pirates u-Eugene Zwane odlale kahle futhi okufanele ukuba umkhombisile uZwane ukuthi engathembela kuye.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *