IRoyal AM iqhubekile nokuvulela isibhaxu yelamanisa iChiefs ngeGalaxy

IRoyal AM iqhubekile nokuvulela isibhaxu yelamanisa iChiefs ngeGalaxy
Abadlali beRoyal AM
UMBIKO: SIhle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

IRoyal AM iqhubeke la beyigcine khona ngempelasonto edlule – kulokhu isivulele kwiTS Galaxy isibhaxu emdlalweni weDStv Premiership iyishaya ngo 4-2.

Lo mdlalo ubuseChatsworth Stadium eThekwini ngeSonto ntambama. Ngeledlule iMaMkhize Boys ibhaxabule iChiefs ngo 4-2.

Lo mphumela uyithathe wayibeka endaweni yesine iRoyal AM kanti indlela ezimisela ngayo yenza kubonakalae ingase ingene embangweni wesicoco.

Ingagcina kuyiyo egila izimanga ebezigilwe omakhelwane bayo AmaZulu FC neGolden Arrows ngesizini edlule.

IRoyal AM ikhombise zisuka ukuthi ayizuwasinisa neze amahleza yize iyiqembu abaningi abalithatha kancane ngenxa yokuzikhululekela komphathi walo.

Kuthe umdlalo usanda kuqala uTshidiso Monamodi walivalela enethini yahamba phambili iMaMkhize Boys.

KUthe isadunyazwe yilokho iGalaxy isabuzana ukuthi kwenzekeni, yehlelwa yishwa kukhishwa uMarks Munyai ngekhadi elibomvu.

Bekungakahlangani ngisho imizuzu eyishumi umdlalo uqalile. Lokhu kwenze kwacaca ukuthi kuzoqansa kwiRockets.

FUNDA NALA: ULepasa uphika eyokuthi uzoliyeka ibhola ngoba engapholi

ULevy Mashiane ushaye elesibili kwathi uVoctor Letsolao weza nelesithathu ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini.

Kuke kwangathi ingagcina ibuyile iGalaxy esiwombeni sesibili ngesikhathi uPogiso Sanola evalela phakathi iphenathi.

Kuthe kusukwa lapho yalibeka enethini kodwa kwathiwa uMxolisi Macuphu ubesendaweni engamfanele.

Nokho kuthe uma sekuvezwa kahle kwithelevishini kwacaca ukuthi unompempe uphundulekile, bekumele lime igoli.

Isidididi esenzeke emuva kwiGalaxy sigcine ngokuthi ibhola lidliwe uKabelo Mahlasela obe eseqonda ngqo kuWesten Van Der Linde wafike walihlaba enethini.

UMacuphu ugcine elitholile igoli elibaliwe kodwa belingasasho lutho ngoba bese kuvele sekubhedile amaphuzu esefakwe esikhwameni seRoyal AM.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.