IRoyal AM isaqhubeka nokulwa eyokuba ngompetha beChampionship

IRoyal AM isaqhubeka nekulwa eyokuba ngompetha beChampionship
UShauwn "MaMkhize" Mkhize
OkaDonga Gumbi

Selukhishiwe usuku okuzolalelwa ngalo udaba iRoyal AM elufake enkantolo yamacala ezemidlalo lokufuna ukuba kuguqulwe isinqumo sikamehluleli esayiphuca iqatha emlonyeni.

IRoyal AM yayizitshela ukuthi yiyo engompetha beGladAfrica Championship kodwa umehluleli uHilton Epstein wanquma ukuthi kube yiSekhukhune United eba ngompetha.

Lokhu kwalandela amacala amaningi ayefakwa ezinkantolo ezehlukene kuleli. Nokho iPSL yagcina iyinike iSekhukhune indebe ngokuyalelwa yinkantolo.

EzikaMaMkhize nokho azidikibalanga njengoba zithi zona zilwela ukuthi kwenzeke ubulungiswa ngalolu daba, zaluthatha zalusa enkantolo yamacala ezemidlalo iCourt of Arbitration for Sport (Cas).

Kulapho lolu daba luzophothulwa khona. Le nkantolo ivamise ukukhipha izinqumo eziba wujuqu futhi akuvamisile kube khona ophikisana nayo.

Ngokokubika kweSunday World, lolu daba selubekelwe umhla ka-3 kuMashi ukuba lulalelwe yile nkantolo enekomkhulu eSwitzerland.

Nokho kuzosetshenziswa ubuchwepheshe bezokuxhumana besimanje ukuqula le nzukazikeyi yecala elacishe labambezela ukuqala kwemidlalo yamaligi ePSL.

IRoyal AM ayiyidlalanga imidlalo yokuhlunga eyayiyalelwe ukuba iyidlale yiPSL ngoba ikhala ngokuthi yona ingompetha ngakho kumele inikwe igunya lokudlala kwiDStv Premiership.

Akuzange kwenzeke lokho futhi yagcina ibekwe icala lokungayihloniphi iPSL ngokugoloza ukuya emidlalweni esemthethweni.

FUNDA NALA: ISharks itshuze yayohlala esicongweni kwiCarling Cup

Yagcina ingenile esigabeni esiphezulu ebholeni elikhokhelayo ngokuthi ithenge isitifiketi seBloemfontein Celtic.

Yabe seyidayisa esayo seChampionship kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila. isikhulu esiphezulu kwiRoyal AM uSinky Mnisi watshela Impempe ukuthi lokho akusho ukuthi sebelibele yileli cala.

UMnisi wathi basaqhubeka nenkantolo futhi uma beliwina icala kuba yibo ompetha beChampionship, abeTshakhuma kuzomele bengeze emalini abadayiselwa ngayo lesi sitifiketi.

Akwazeki ke ukuthi kuzokwenzakalani ngemidlalo yeligi esidlaliwe ezigabeni zePSL uma kuwukuthi kuwina iRoyal AM.

Phela lokho kuyosho ukuthi iSekhukhune bekungafanele idlale kwiPremiership kule sizini futhi kuyodingeka iyoqala phansi idlale kweyokuhlunga neChippa United neBay United.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *