IRoyal AM ithi ayilubeki yona enkundleni, iya enkantolo

IRoyal AM ithi ayilubeki yona enkundleni, iya enkantolo
IRoyal AM
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ishaya phansi ngonyawo ithi ayiyingeni eyokudlala imidlalo yokuhlunga iRoyal AM. Leli qembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize lisesendonsiswaneni oshubile ezinkantolo njengoba lilwela ukuthi kubekwe lona njengompetha beGladAfrica Championship.

Kumanje kulindeleke isinqumo sasenkantolo la leli qembu seliphinde lafaka isicelo sencwadi yokumisa le midlalo eqale ngoMgqibelo. Iqala nje lemidlalo iRoyal AM ivele iyathimula, ithi akufanele iqhubeke.

Nokho iPremier Soccer League (PSL) yathi icetshiswe ngabammeli bayo ukuthi incwadi eyayitholwe yiRoyal AM enkantolo ephakeme yaseGauteng ekuqaleni kweviki elidlule ayisasebenzi.

Yabe seyiyalela iChippa United neRichards Bay ukuba bangene enkundleni. Kwenzekile ke lokho ngoMgqibelo, iChilli Boys yaphuma ihleka yodwa njengoba iwine ngo 2-1.

Funda la: Iqalile eyokuhlunga, kodwa ngabe izoqhubeka? https://bit.ly/3qhjDWg

IChilli Boys bekumele idlale neRoyal AM ngoLwesibili kodwa isikhulu saleli qembu, uSinky Mnisi sithi abalubeki lapho. UMnisi uthi balinde inkantolo ibanike incwadi evimbela ukuqhubeka kwale midlalo.

Iyicela phezu kwephuzu lokuthi kusenecala elingaqediwe elisenkantolo. Leli cala lifakwe yiyo iRoyal AM ngoMgqibelo enkantolo ephakeme yokudluliswa kwamacala iSupreme Court of Appeal yaseGoli.

Ifuna ukunikwa igunya lokuphikisa isinqumo senkantolo enkulu yaseGoli sokubeka iSekhukhune United njengompetha beChampionship. ISekhukhune yavunwa yisinqumo sikamehluleli ozimele owayinika amaphuzu amathathu ayephucwe iPolokwane City.

IPolokwane yaphucwa lamaphuzu yisigungu esiqondisa izigwegwe kwiPSL ngemuva kokutholwa inecala lokuphula imigomo.

Funda la: UYilmaz weTurkey uthi bebeyolanda amava kwi-Uero https://bit.ly/3xGl6YG

Leli qembu laseLimpopo ladlala neSekhukhune ngoJanuwari lingenabo abadlali abahlanu abaneminyaka engaphansi kuka-23 ebhentshini okuwumthetho kwiChampionship.

Isigungu sePSL sahlawulisa iPolokwane ngokuyiphuca amaphuzu amathathu eyayiwathole ngokuwina kulo mdlalo.

ISekhukhune yabe seyilwedlulisela kumehluleli lolu daba, yafike kwayihambela kahle njengoba ayigidlabeza ngalamaphuzu.

IPSL yathimula ngalesi sinqumo, yenqaba ukukwenza lokho njengoba ngosuku lokugcina lwemidlalo yeligi ilogi yayo yayikhipha kuyiRoyal AM eqede iqwhakele.

Kodwa ayizange inikwe indebe nezindondo ngenxa yokuthi iSekhukhune yayisilufake enkantolo udaba lwayo, ifuna ukuphoqa iPSL ukuba ilandele isinqumo sikamehluleli.

Funda la: Umasipala awuyizwa eyokudayiswa kweMaritzburg https://bit.ly/35G5yYP 

Nempela yaliwina leli cala, iPSL yayigoxabeza ngamaphuzu amathathu, futhi yamemezela ukuthi yiyo engompetha njengokuyalela kwenkantolo. Yabe seyikhipha nohla lwemidlalo yokuhlunga ithi iRoyal AM, Chippa neRichards Bay yibo abazodlala kuyo.

Kodwa iRoyal AM yaya enkantolo, yakuphikisa lokhu yabe seyithola nencwadi yokuyimisa le midlalo kuze kube kuqedwa ngecala layo.

Liphelile ke icala layo ngoLwesihlanu, inkantolo ephakeme yaseGoli yasichitha isicelo sayo. Kodwa iphinde yafaka esinye enjantolo engaphezulu.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.