IRoyal AM ithwahlaze iChippa seyizitshela ukuthi iwinile

IRoyal AM ithwahlaze iChippa seyizitshela ukuthi iwinile
Sihle Ndlovu

Iphinde yakhombisa ukuthi ayililahli ithemba iRoyal AM ngesikhathi ishaya igoli ekugcineni iphuca iChippa United amaphuzu isithembile emdlalweni weDStv Premiership, eSisa Dukashe Stadium eMonti ngoMgqibelo.

Lo mdlalo obudle ngokushisa uphele ngo 2-2 kanti iChilli Boys kumele izisole yona ngokungabuyi namaphuzu amathathu.

IRoyal AM iyona eqale kahle yacisho yashaya igoli ngomzuzu wokuqala kodwa ibhola likaTebogo Potsane laphuma eceleni kwepali.

Ibuyile futhi iRoyal AM kodwa yagcine ingalitholanga igoli. Zishintshile izinto ngomzuzu ka-19 njengoba kuvele kwaba yiChilli Boys eshaye igoli kuqala.

Igoli lishaywe uVeluyeke Zulu ngemuva kokuthola ibhola elihle livela kuSiphelele Luthuli.

Iphinde yabuya futhi iChippa ngomzuzu ka-23, ibhola lathola u-Eva Nga walibeka kuLuthuli oliqabulise inethi kwaba ngu 2-0.

FUNDA NALA: ISundowns iqale kahle, yaqeda sekuminciwe kwiChampions League

Nokho unozinti weChilli Boys u-Ayanda Mtshali wenze elikhulu iphutha ngomzuzu ka-30 ebamba ibhola
elidedela, lathola uMxolisi Macupu walishaya phakathi kwaba ngu 2-1.

Ngesiwombe sesibili amaqembu abesedlala ngendlela elinganayo efuna amagoli. IChilli Boys ibifuna ukuthola igoli lesithathu ihambe namaphuzu amathathu.

IThwihli Thwahla yona ibizama ukuthola elokulinganisa. Maningi amathuba abawatholile nhlangothi zombili kodwa bangawasebenzisa ngendlela.

Kugqame ukutatazela phambi kwamapali nokudlala kahle konozinti bobabili. Ithuba elihle kakhulu lehlele uMacuphu ngomzuzu ka-89 kodwa ibhola lakhe laphuma kude kakhulu namapali.

Nokho ngomzuzu ka-90 kugcine konakele ngesikhathi uMacuphu eshaya igoli lokulinganisa kwaba ngu 2-2.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *