IRoyal AM ithwihlize iSwallows seyithi indiza nephuzu

IRoyal AM ithwihlize iSwallows seyithi indiza nephuzu
OkaDonga Gumbi

ISwallows FC ibisilibalile iphuzu ebizophuma nalo kwiRoyal AM kodwa kwathi sekubalwa amanenjana umdlalo obuseChatsworth Stadium uphele, u-Elias Pelembe wathi cha asala wonke kwaMaMkhize amaphuzu.

UPelembe ushaye igoli qede kwathi lisuswa ibhola wabe esewuqeda umdlalo unompempe. Kube yelihle igoli leli njengoba edonse intambo ekude, lamudla uThela Thela.

IRoyal AM beyibheke ukuthwahlaza Izinyoni zaseDube bese igxuma yeqe iKaizer Chiefs ibuyele endaweni yesibili kanti leli goli likuqinisekisile lokho.

Nokho icishe yaliyela leli thub futhi nje empeleni nje nayo isindile ngoba iSwallows beyisho ukundiza nawo wonke amaphuzu ibuyele nawo eDube eSoweto.

Amathuba abekhona kuwo womabili lamaqembu njengoba umdlalo uqale kuyiSwallows engathi iyacindezela.

Nokho ngasekupheleni kwesiwombe bese kubhoke ezikaMaMkhize kodwa zifike zihluleke seziphambi kweplai likaThela.

UMxolisi Macuphu ube nebhadi ibhola lakhe abelishaye isiqethu liceza kancane eceleni kwepali sekubalwa imizuzu kuyiwe ekhefini.

Nasesiwombeni sesibili aqhubekile nokuhubhana lamaqembu kodwa abebbonakala ehelelwa amaqhunga uma esesondela ngasemapalini.

FUNDA NALA: Ususe izinkulumo uBaxter eziba uZwane ngemuva komdlalo weChiefs

La maphuzu ayibuyisele endaweni yesibili iRoyal AM njengoba seyinangu-36 ngemuva kwemidlalo engu-21. Ishiya iChiefs ngelilodwa yize yona isagodle imidlalo emibili ekhwapheni.

ISwallows ibiwadinga kakhulu amaphuzu njengoba agcwele abezoyinika intuba yokuphefumula seyifake ibanganyana phakathi kwayo nezembe.

Ukuhlulwa kuyishiye khona la beyikhona endaweni ka-14 ngamaphuzu angu-18 kanti iqhele ngelilodwa kwiTS Galaxy neBaroka ngemuva kwayo.

Konunye umdlalo ngeSonto ntambama, iChippa United ithole iwini ebalulekile ishaya iGolden Arrows ngo 2-1 ekuhambeni.

Lokhu kuyibeke kumaphuzu angu-20 okusho ukuthi iqhele ngamathathu ezindaweni zezembe njengoba sekusele imidlalo eyisishiyagalolunye.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.