IRoyal AM iwavume wonke amacala, yahlawuliswa R1.6-million

IRoyal AM iwavume wonke amacala, yahlawuliswa R1.6-million
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Instagram

IRoyal AM iluvumile uxhaxha lwamacala abebekwe yona nezikhulu zayo uShauwn “MaMkhize” Mkhize nendodana yakhe u-Andile Mpisane.

Leli qembu elisanda kuqala ukudlala kwiDStv Premiership belibekwe amacala kulandela izehlakalo azimbalwa iPremier Soccer League ethe azihambisani nemithetho yayo.

Phakathi kwazo kwaba wukubonakala kukaMaMkhize no-Andile bepha abadlali imali esidlangalaleni ngemuva komdlalo wabo neMaritburg United ngo-Okthoba 3.

Lesi senzo sasusa umsindo njengoba abanye bengabubonanga ububi kuso, kanti abanye basibona singafanele.

Ngokubika kweTimesLive isiyonke imali ehlawuliswe leli qembu laseMgungundlovu ibalelwa ku-R1.65-million.

Nokho u-R1.325-million wayo ulengisiwe ngombandela wokuthi iqembu noma abaphathi bengatholakali emacaleni afanayo.

Nawa amacala abebekwe iqembu futhi eligcine liwavumile labe selihlawuliswa:

* Ilivumile elokuzama ukukhokhela abadlali ngemali ewukheshi phambi kwamakhamera abezindaba.

Lokhu kwahudulela igama lePSL odakeni – ihlawuliswe u-R500 000, kwathi u-R250 000 walengiswa;

* Ilivumile icala lokungabi nesibalo esanele samasekhurithi emdlalweni wayo – ihlawuliswe u-R100 000 kwathi u-R75 000 walengiswa;

* Ivume icala lokungaqinisekisi ukuthi obhekelele ukugcinwa kwemigomo yeCovid-19 uyawenza umsebenzi wakhe – ihlawuliswe u-R10 000 ngalokhu;

* Ilivumile icala lokuthi abadlali bayo abazange baphume bayohlola inkundla. Baphuma sekwedlule ngemizuzu emine esikhathini esifanele – ihlawuliswe u-R10 000;

* Ivume icala ngokuba namabhola ayishumi esikhundleni sangu-11 adingekayo emdlalweni – yahlawuliswa u-R5 000

Amacala abebhekiswe kobhekelele ukugcinwa kwemigomo yeCovid-19 kwiRoyal AM uSthembiso Hlongwane, yilawa:

* Uvumile ukuthi akazange aqinisekise ukuthi zonke izikhulu zeqembu zihlale zizigqokile izifonyo ngaso sonke isikhathi – uhlawuliswe u-R10 000.

Kodwa njengoba ubenecala elifanayo aqyehlawuliselwe lona esasebenza kwiReal Kings kube sekuvuka nesigwebo esasilengisiwe sika-R180 000.

FUNDA NALA: UKekana neSundowns sebehlukene okwangempela

Amacala abebhekene noMaMkhize wona abeme kanje:

* Uvumile ukuthi wephula umthetho 55.3.8 njengoba abonakala ezama ukuhlomilisa abadlali ngemuva komdlalo – uhlawuliswe u-R500 000 kodwa ulengisiwe wonke;

* Ukungagqoki isifonyo ngesikhathi esendaweni yomphakathi – uhlawuliswe uR7 500.

Amacala ka-Andile wona abeme kanje:

* Ulivumile elokuzama ukuhlomulisa abadlali ngemali ngemuva komdlalo – uhlawuliswe u-R500 000 olengisiwe wonke;

* Ukungasigqoki isifonyo – uhlawuliswe u-R7 500.

IRoyal AM ibe seyiyalelwa ukuba ikhokhele izindleko zokuhlala kwesigungu zokuqondiswa kwezigwegwe.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *