IRoyal AM iyidlise ngamapayipi iSundowns kodwa lwagcina lugobile

IRoyal AM iyidlise ngamapayipi iSundowns kodwa lwagcina lugobile
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ihlawuliswe uPeter Shalulile kanzima iRoyal AM ngesikhathi ishaywa yiMamelodi Sundowns ngo 3-2 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu.

UShalulile ushaye amagoli aqede amathemba aleli qembu laKwaZulu-Natal ngesiwombe sesibili, eLoftus Stadium.

EzikaJohn Maduka bezidlale kahle ngesiwombe sokuqala yize nakhona zisheshe zadedela igoli.

IRoyal AM yenze iphutha emuva ngomzuzu wesithupha ihluleka ukukhipha ibhola ebhokisini.

Liwele kuThabiso Kutumela eyedwa qhwaba, walibeka enethini.

Kube sengathi bahlokoloze iziqandu ematsheni njengoba iRoyal AM ibuye ngamandla ifuna igoli lokulinganisa.

Bekubhoke uNdumiso Mabena neTobogo Potsane abebeyingozi kakhulu odongeni lweSundowns.

NeSundowns iwatholile amathuba ayo okushaya igoli lesibili kodwa amabhola abekhahlelwe uNeo Maema angaphelela enethini.

Empeleni elinye lawo liphebezwe unozinti weRoyal AM uPatrick Nyame sekuvalwe amehlo.

UPotsane ubelokhu ewuhlupho odongeni lweSundowns futhi kube yibhadi lakhe ukuthi angalitholi igoli ngaphambi kokuthi ziye ekhefini.

Kukhona lapho kubukeke khona sengathi uMosa Lebusa bekumele ahlawuliswe ngokudonsa uPotsane egqashula ebheke emapalini kodwa wathalalisa unompempe uThando Ndzandzeka.

Ngesiwombe sesibili ibuye seyishintshe kakhulu iSundowns isidlala ngendlela ejwayele ngayo yokuhlasela.

Ngomzuzu ka-52 uShalulile ugeje imbuzi yebhola esebhekene nonozinti laphuma eceleni kwepali.

Kubukeka sengathi lokhu kumcasulile lo mdlali waseNamibia njengoba ngomzuzu ka-67 ebuye washaya igoli kwaba ngu 2-0.

Ubuyile futhi uShalulile ngomzuzu ka-72 washaya igoli lakhe lesibili emdlalweni kwaba ngu 3-0.

Njengamanje uShalulile uyena ozihola phambili ngokuhlohlwa kwamagoli emidlalweni yeDStv Premiership. Usebeke enethini angu-11.

FUNDA NALA: Ayiphumelelanga imizamo yeChiefs yokuyodlala ne-Arrows

IRoyal AM izamile ukuzibuyisela emdlalweni ngegoli likaVictor Letsoalo ngomzuzu ka-81 kwaba ngu 3-1.

Kuthe sekuzophela umdlalo ngomzuzu ka-90 unompempe wakhomba iphenathi ebekwe phakathi uLetsoalo kwaba ngu 3-2.

Nokho kubukeke lingamshayanga engalweni umdlali weSundowns.

ULetsoalo uyena olandela uShalulile ngokuhlohlwa kwamagoli, njengoba yena eseqobele phakathi amagoli ayisishiyagalombili kweyeligi.

Ekugcineni iSundowns kudingeke ivimbe emuva sekukubi iRoyal AM ifuna elokulinganisa.

Ukuwina kweSundowns kwenze yavula igebe lamaphuzu ayishumi eqhulwini njenogba ibisiwina umdlalo wayo weshumi.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.