IRoyal AM iyidumaze seyijabule iGallants ihlwitha iphuzu

IMarumo Gallants ichuthe izimpiko kwiRoyal AM iyiqumba phansi
UThabo Mnyamane weMarumo Gallants
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ibisizitshelile ukuthi iphume nawo egcwele amaphuzu iMarumo Gallants kodwa kwathi ngomzuzu wokugcina  iRoyal AM yathola igoli lokulinganisa, umdlalo weDStv Premiership waphela ngo 2-2.

Lo mdlalo bewusePeeter Mokaba Stadium ePolokwane ngoLwesibili ntambama.

Bekuzoba yiwini yokuqala yaleli qembu laseLimpopo eliyiqale ngebatha imidlalo yeligi nosekuholele ekutheni ixoshe obengumqeqeshi uSebastien Migne.

Nokho bekubonakala ukuthi la izinto zizolunga khona leli qembu lizoba yingozi ngoba belidlala kahle kanti linabadlali abahle.

IGallants incishwe iphenathi ngomzuzu wesikhombisa kulandela ukuba ibhola lizishayise engalweni kakaputeni weRoyal AM uSamuel Manganyi.

Ngemuva kwalokho uKatlego Otladisa ubethi uyaqeda ngoPeter Nyame emdedelela udalimede weshodi.

Nokho unozinti ukhombise ukuphila, wagxuma walifica lelo bhola walixhimfela eceleni.

IMarumo Gallants beyikhombisa ukuthi isekhaya futhi iqhubeke nebhola elihle ebilidlala nangempelasonto koweCAF Confederation Cup.

UNdabayithethwa Ndlondlo ubeyibambe kahle esiswini kunguye olawula isivinini nokunensa komdlalo.

Nokho bebengakwazi ukwakha amathuba acacile uma sebeya phambili futhi abazange bamsebenzise uPeter Nyame obesezintini zeRoyal AM.

Empeleni kucishe kwaba yiMaMkhize Boys elishaya kuqala igoli kodwa uVictor Lestoalo wadlala ngalo ithuba ebelibekelwe uZukile Mkhize phambi kwepali.

Sekubalwa imizuzwa kuyiwe ekhefini uMkhize ube nebhadi ibhola lakhe lizishayisa epalini eseqedile ngoWashington Arubi obevimbe kwiGallants.

Isiqale kahle isiwombe sesibili iGallants njengoba kuthe kusaphele imizuzu emithathu kubuyiwe ekhefini, yabhakuza inethi.

UNdlondlo uqedele umnyakazo omuhle wokuhlasela obuqale esiswini, walincinza ngobhozo kancane lamshiya uNyame.

Baphinde bamudla ngelihle ibhola leli uNyame ngomzuzu ka-74 eshaywa uLetsi Koapeng obesanda kungena nje.

Nokho emzuzwini owodwa ukusuka lapho, iRoyal AM ibekelwe iphenathi ngemuva kokuthi uLebogang Mabojta elidalle ngengalo.

ULetsoalo ube eseyishaya ngobuchule obunokuchoma phakathi le phenathi, yamudla u-Arubi obedaze enkulu inkani le.

Kuthe sekubalwa amanenjana umdlalo uphele, uSedwyn George – obesuka ebhentshini, wayilamulela iRoyal AM ukuthi ingayitholi induku eshaya elokulinganisa.

Lo mphumela uyigcine ihlezi emsileni iGallants enamaphuzu amathathu ngemuva kwemidlalo eyisithupha.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.