IRoyal AM izokhohlwa yizinkinga zemibhede, ilwele iwini yokuqala

IRoyal AM izokhohlwa yizinkinga zemibhede, ilwele iwini yokuqala
UThato Longwati
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

IRoyal AM kumele izikhahlele izinkinga eziyikhungethe zemibhede nokungaholi kwabadlali, ingene enkundleni izame ukuthola amaphuzu aphelele ngempelasonto.

IMaMkhize Boys, eyiqale ngebatha imidlalo yeDStv Premiership, izobhekana neChippa United eshayela phezulu selokhu kuqale isizini.

Umdlalo useChatsworth Stadium eThekwini ngeSonto ngo-3 ntambama. “Siyazi ukuthi ubaluleke kanjani umdlalo wangeSonto.

“Sidinga ukusebenza kanzima, sithole amaphuzu aphelele ngoba sizobe sidlalela ekhaya,” kusho uThato Lingwati, odlala emuva maphakathi kwiRoyal AM.

Kuke kwavela izindaba zokuthi abadlali bafuhlelene ezindaweni zokuhlala zeRoyal AM okudale izinkinga zemibhede, kanti kukhona nabadlali abebengasafuni nokuziqeqesha ngoba bekhala ngokuthi abaholile.

Nokho uqhamukile uShauwn “MaMkhize” Mkhize, ongumengameli weqembu, wazikhahlela lezo zinsolo.

Uveze ukuthi abadlali abahlala babe baningi bakwenza lokho ngoba bethanda, futhi bona abanaso isibopho sokutholela abadlali indawo yokuhlala ngoba bayabaholela.

Mayelana namaholo uvumile ukuthi kukhona abadlali abathile abangaholanga kodwa wathi yingoba bekunenkinga nje encane okuyinto abazoyixazulula ngokukhulu ukushesha.

IRoyal AM izithole inabadlali abangu-67 ngemuva kokuthi ithenge isitifiketi seBloemfontein Celtic sokudlala kwiPremiership.

FUNDA NALA: AmaProteas abuye adlale sengathi abeqale ayothinta kwaJombigazi

Kulindeleke ukuthi idedele inqwaba njengoba izama ukugcina labo ezobadinga kuphela kule sizini.

Okubalulekile nokho ukuthi iqale iqoqe amaphuzu njengoba ishaywe kuyona yomibili imidlalo yokuvula isizini.

“Amalungiselelo ahamba kahla kakhulu, abadlali basebenza ngokuzimisela ejimini. Ngicabanga ukuthi kuzoba umdlalo omuhle, sidinga nje kuphela ukusebenza kanzima.

“Njengoba sidlalela ekhaya kumele sikuqaphele ukuthi siyakugwema ukulahla amaphuzu enkundleni yethu,” kusho uLingwati.

Nokho uLingwati uyazi ukuthi iChippa abazobhekana nayo ithanda ukuba yingozi selokhu kufike uqweqwe lomqeqeshi uGavin Hunt.

“Bayiqembu elihle, elihlelekile. Bavala kahle emuva futhi bayingozi kakhulu kuma-free kick.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.