IRoyal AM kaMaMkhize iyibambe ngamankwahla iPSL

IRoyal AM kaMaMkhize iyibambe ngamankwahla iPSL
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Kuyazicacela manje ukuthi iRoyal AM kaShauwn “MaMkhize” Mkhize, iyibambe ngobhongwane nangamankwahla ngesikhathi esisodwa iPremier Soccer League (PSL).

EzikaMaMkhize bekumele zidlale neChippa United emdlalweni wokuhlunga, eChatsworth Stadium, ngoLwesibili ngo 3 ntambama kodwa kwagcina kungenzekanga lokho.

Ekuqaleni leli qembu beliveze ukuthi ngeke lilubhade kulo mdlalo kodwa kwathi sekusele isikhathi esingaphezudlwana kwehora umdlalo uqale, kwathiwa iqembu lizoya emdlalweni.

Nokho lokhu kuya akusizanga ngalutho njengoba abadlali bengangenanga enkundleni yize bese begqokile. Kunalokho kubonakale izimoto zabeRoyal AM ziphuma enkundleni sekusele imizuzu embalwa kuqale umdlalo.

Lugobile kuMaMkhize, iRoyal AM izodlala eyokuhlunga: https://bit.ly/3gMUTlB

Ngokwencwadi eqhamuke kubammeli beRoyal AM izolo ntambama ibhekiswe kwiPSL, imidlalo yokuhlunga kumele ime kuze kuphothulwe ukuqulwa kwecala eliseSupreme Court of Appeal.

“Siphendula izincwadi ezimbili esizithole ekuseni. Sicela nithathisele esinqumeni esikhishwe nguJaji Nyathi khona namuhla ekuseni. Sithunywe ukuthi siphendule kanje:

“1. Ngenxa yokwephulwa komthethosisekelo nePAJA okwakuhambisana nesinqumo seNSL sokususa iRoyal AM endaweni yokuqala, okwakungasho ukukhuphukela kwiligi ephezulu, imidlalo yokuhlunga kumele imiswe kuze kube kuphuma isinqumo sokugcina secala elidlulisiwe.

“2. Okwesibili okubaluleke ngendlela efanayo, iNSL akuvunyelwe ukuthi yenze izinto ngendlela ebonakala iphambene nomthetho sisekelo.

“3. Isinqumo sikaJaji Sutherland sihlehlisiwe ngenxa yesicelo enazisiwe ngaso okuyimanje siphambi kweSupreme Court.

“4. Ngamafushane ukwenza kweNSL okuwukuqala noma ukuqhubeka nemidlalo yokuhlunga, siphuma eceleni kakhulu kunalokho eyakwenza ngoJuni 13, 2021, lapho sasho khona ukuthi akumele iqalise imidlalo yokuhlunga.

“Kulokhu sekuqinisekisiwe ukuthi iNSL ibe nobudedengu ngokomthetho sisekelo ekuthatheni kwayo isinqumo sokususa iRoyal AM esocongweni. Lokhu kuchaza ukuthi kumele kube yiSikhukhune edlala imidlalo yokuhlunga, hhayi iRoyal AM.

“5. Asikho isizathu sokuthi kungani iRoyal AM kumele idlale imidlalo yokuhlunga engekho emthethweni.

“6. Ngakhoke sifuna iNSL iqinisekise ukuthi ngeke iphinde noma iqhubeke nokwenza izinto ngendlela engekho kumthetho sisekelo nokuthi izoyimisa imidlalo yokuhlunga.

“Uma ihluleka ukwenza lokho sizophindela enkantolo ephakeme (High Court) sicele ukuthi ingenelele ngokushesha,” ibifundeka kanje le ncwadi.

Akwaziwa ukuthi izophela kanjani le mpicabadala kodwa okuhlalukayo ukuthi imidlalo yokuhlunga izogcina iphazamisekile ngoba uMaMkhize nabammeli bakhe abazibekile phansi.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.