IRoyal AM seyimkhululile umdlali ogaqelwe yiChiefs nePirates

IRoyal AM seyimkhululile umdlali ogaqelwe yiChiefs nePirates
Umengameli weRoyal AM uShauwn "MaMkhize" Mkhize
Sbongs Gumbi

Sekusele ukuthi ahlangane nomphathi wakhe bese enquma ukuthi ufuna ukuya kuphi umdlali weRoyal AM ohalelwa yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

Ngokuthola kweMpempe, iRoyal AM seyivumile ukuthi umdlali ahambe aye lapho inhliziyo yakhe ifisa khona ngakho sekusele kuye ukuthi azikhethele ukuthi uyakuyiphi kulezi zinkunzi zaseSoweto.

UVictor Letsolalo, ongumgadli, nguye lo osevunyelwe ezikaMaMkhize ukuthi ayodlala kwidabhi yaseSoweto ngesizini ezayo.

“Impela umphathi wakhe neqembu sebevumelene ngokuthi akakhulume nalamaqembu babone ukuthi bayavumelana yini.

“Okwamanje uselinde ukuthi ahlangane naye umdlali bese bevumelana ngokuthi yena ufisa ukuya kuphi nendawo eSoweto,” kusho umthombo weMpempe.

Kuzothatha amehlo ke ukubona ukuthi uLetsolalo ukhetha i-Orlando noma iNaturena. KwiPirates uzothola inselelo eningi yokudla ijezi.

FUNDA NALA: ULunga Sokhela ugxeka umjiko wabadlali abancane kuleli, uthi umbhedo

Phela eziMnyama zibophele phambili njengoba kukhona oKwame Peprah, Evidence Makgopa, Zakhele Lepasa noTerence Dvukamanja.

KukwiChiefs la kubonakala lo mdlali engasheshe alithole khona ijezi njengoba njengamanje ino-Ashley Du Preez kuphela yize bekhona nabanye esabahlola.

Kulabo abahlolwayo singabala uWayde Lekay obekwiTS Galaxy nabanye ababili bangaphandle kwakuleli. Udedelwa nje uLetsoalo iRoyal AM isanda kusayina oRuzaigh Gamildien noSamir Nurkovic.

Uma egcina ehambile naye, uzobe elandela abanye abadlali abebemqoka kuleli qembu ngesizini edlule kodwa asebekshiyile kuleli qembu.

Kulabo singabala uNdumiso Mabena noGiven Mashikinya. UMabena usahlwaya iqembu kanti uMashikinya usekwiMaritzburg United.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.