ISafa eThekwini ithi uJordaan akaqhubeke nokuhola le nhlangano

ISafa eThekwini ithi uJordaan akaqhubeke nokuhola le nhlangano
UMazwi Mkhize
Alfred Ngubane 

Njengoba kuzoba nokhetho lobuholi obusha kwinhlangano ephethe ibhola lezinyawo eNingizimu Afrika, iSouth African Football Association (Safa), uphiko lwaseThekwini luthi luhamba noDanny Jordaan.

Yize kungakabi bikho ophumele obala ngokuthi uzokweseka uJordaan, ongumengameli wale nhlangano, kunezinkulumo zokuthi bazovela.

Nokho iTheku lona selisheshe lacacisa ukuthi lume ngakuphi kulo mdonsiswano wokwengamela iSafa.

Ngokusho kukaMazwi Mkhize, ongumengameli weSafa esifundeni saseThekwini, uma kukhona oqhamuka KwaZulu Natal ofuna isikhundla kulezi ezinye, bazomvotela kodwa kwesobumengameli bahamba noJordaan.

“Asinamahloni ngokuphumela obala ngokuthi thina sizokweseka uDanny Jordaan ekutheni abuyele kwesobumengameli.

“Siyazi bakhona abaqhamuka la kwelakithi abazofuna ukungenela ukhetho ezikhundleni ezehlukene.

“Sizobeseka kodwa hhayi abafuna esokwengamela. Kwezinye singabavotela futhi sinxenxe nabanye babeseke,”¬† kusho uMkhize ekhuluma neMpempe.

Isivele iqalile impi ngalesi sikhundla sikaJordaan njengoba izifundazwe zimphonsela inselelo zifuna uguquko.

FUNDA NALA: Isikhulu seSafa eThekwini sisola uBroos ngokuqoka abangadlali emaqenjini abo

Kumanje kunomthetho ohlongozwayo ozovumela abaphathi bamaqembu adlala kwiPSL, ukuba balungenele lolu khetho.

Uma lo mthetho uphasa, izifundazwe ezimbili, iWestern Cape ne-Eastern Cape sezikuvezile ukuthi ziyobe seziphakamisa uSiviwe “Chippa” Mpengesi kulesi sikhundla.

Izifundazwe ezisenyakatho yezwe, zona zihlongoza ukugadla ngoRia Ledwaba oke waba yiphino likaJordaan isikhathi eside ngaphambi kokuxoshwa kwakhe.

AbaseThekwini sebeqalile vele ukusebenzela ukuqinisekisa ukuthi uJordaan uyabuyela kulesi sikhundla okubukeka kuzoba wumsebenzi onzima impela.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.