ISafa ichitha ekaNtseki nokubuyela kwiBafana

UHugo Broos

OKADONGA GUMBI

Isikuphindile lokho iSafa. Kuthe isanconywa ngokuthi ithole umqeqeshi obukeka eyazi into ayizele, yabe seyifaka unyawo lwedada. Le nhlangano eyengamele ibhola eNingizimu Afrika ikhiphe isitatimende ngoLwesihlanu ebusuku, ichitha imibiko ethi uMolefi Ntseki uzoba ngomunye wamaphini kaHugo Broos.

Okungadida ngisho u-Albert Einstein wukuthi izindaba zokuthi uNtseki nguyena ozoba yisekela lendabuko kuleli kwiBafana zivezwe nguBroos uqobo lwakhe. Lo mqeqeshi odabuka eBelgium ukuveze lokhu ngesikhathi enengxoxo nabeSAfm ngoLwesihlanu kusihlwa.

Kube sekusabalala njengoba abezindaba bebebika ngakho futhi kukhulunywa ngakho nasezinkundleni zokuxhumana, lwangena ke unyawo lwedada – iSafa yakuphikisa lokhu.

“Yize sekuyizindaba ezigcwele izwe lonke, iSafa ifisa ukucacisa kubo bonke abalandeli bebhola ukuthi le nhlangano ayikamqashi ozoba yiphini lomqeqeshi weBafana Bafana.

“Isigungu esiphezulu seSafa yiso esizoqasha iphini lomqeqeshi maduze nje,” kusho iSafa esitatimendeni esibhale ezinkundleni zokuxhumana. Eveza ukuthi useqoke uNtseki, uBroos uthe bahlangane kwaze kwaba kabili futhi uchazwe wulwazi lwakhe olunzulu ngabadlali bakuleli.

“Iphini lami lakuleli ngulowo obengumqeqeshi weBafana, uMolefi Ntseki. Ngihlanganile naye kwaze kwaba kabili. Ungumqulu wolwazi lwabadlali, ubazi kahle bonke abadlali bakuleli futhi akanankinga nokuba yiphinda abe yiphini,” usho kanje uBroos, funda lapha: https://bit.ly/3uOjoDx

Kuyadida ke nokho ukuthi kungani iSafa seyibhoka ikhahlela iphika lokhu kwazise akuwona amahlebezi, kodwa yinti eshiwo ngumqeqeshi esidlangalaleni.

Kuzokhumbuleka ukuthi iSafa ike yazama ukumxosha uNtseki, kodwa yaphoqeka ukukuhoxisa lokho ngemuva kokuba eyisole ngokungahambisi kahle izinto.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *