ISafa ingenelela kwelokuxoshwa kukaMarawa kwiSABC, ithi akabuyiswe

ISafa ingenelela kwelokuxoshwa kukaMarawa kwiSABC, ithi akabuyiswe
URobert Marawa
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Emnyakazweni obungalindelekile, inhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSafa, seyingenelele odabeni lokuxoshwa kukaRobert Marawa kwiSABC.

ISABC ikumemezele ngoLwesihlanu oludlule ukuthi uMarawa ngeke esaqhubeka nokusebenza kule nhlangano esakazela umphakathi.

Kwathiwa inkontileka yakhe yokushayela uhlelo oludumile lwezemidlalo, iMarawa Sports Worldwide ayizange isavuselelwa ngakho ngeke lusaqhubeka.

Lolu hlelo belusakazwa ngesikhathi esifanayo eziteshini ezimbili zomsakazo zeSABC iMetro FM neRadio 2000.

UMarawa wabe eseveza kwiTwitter ukuthi akazange esavunyelwa nokuthi azokwenza uhlelo lokugcina ngoLwesihlanu.

Wathunyelelwa umlayezo kwiWhatsApp imtshela ukuthi engabe esazixaka ngokuza emsebenzini ngoLwesihlanu. Lo mlayezo wawuthola sekusele amahora amathathu luqale uhlelo uma esho.

Izindaba zokuxoshwa kwakhe zaqala izimpikiswano ezinkundleni zokuxhumana njengoba abaningi babenganeme ngalokhu kudedelwa kwakhe.

Kuthe ngoLwesibili ekuseni, iSafa yakhipha isitatimende igxeka iSABC ngalokhu kuxoshwa kukaMarawa. Ithe isazohlangana nayo iSABC ngalolu daba.

“ISafa ifisa ukuzwakalisa ukungahambisani kwayo nokunqanyulwa kwenkontileka kaRobert Marawa kwiSABC ngoba lokhu kuzothikameza ukuthuthuka nokuqhakambiswa kwebhola kuleli.

“URobert Marawa usewenze ngobuchule umsebenzi wakhe ezingeni lakuleli, elasezwenikazi nelomhlaba. Izinhlelo zakhe bezinika ongoti abehlukene ithuba lokuvezwa imizwa nemibono yabo ebisiza ekuthuthukiseni ibhola kuleli,” besifundeka kanje isitatimende seSafa.

ISafa iqhube yaveza nokuthi lesi senzo seSABC siyafana neseSuperSport futhi senziwe ngoba kuyimizamo yokuvala imibono ehlukile kulezi ziteshi zokusakaza.

UMarawa uke wasebenza nakwiSUperSport kodwa wagcina exoshiwe. “Kuyishwa ukuthi ngapha sibungaza ilungelo lokukhuluma ngenkululeko kodwa iziteshi ezinkulu ezweni, iSABC neSuperSport zona ziyakuvimba lokho.

FUNDA NALA: UCele ukhala ngokushiywa kwabadlali abebezofaka ushukela kwi-Under 23

“URobert Marawa unerekhodi elingephikiswe kuleli nasezwenikazi futhi mkhulu umsebenzi asewenzile ezinhlakeni zeSafa, CAF neFifa.

“Usebenzise amandla akhe ukuthuthukisa izimpikiswano ngebhola kuleli nase-Afrika yonkana. INingizimu Afrika neziteshi zayo zokusakaza kumele bakhombise ukuyibekezelela yonke imibono naleyo abangahambisani nayo.

“ISafa, njengenhlangano eyengamele ibhola kuleli, izoya eSABC ukuyoxoxisana nayo ngalolu daba olubalulekile ngekusasa lebhola kuleli zwe.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.