ISafa isazolulwa olokubanjwa kweBafana ngophondo eGhana

ISafa isazolulwa olokubanjwa kweBafana ngophondo eGhana
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Isikhulu esiphezulu seSafa uTebogo Motlanthe sithi basazocubungula kahle ukuthi yikuphi abazokwenza kulandela ukuchithwa kwabo yiFifa.

IFifa imemezele ngoLwesihlanu ukuthi ngeke iqhubeke nesicelo seSafa sokuthi iphenye ngomdlalo weBafana Bafana neGhana wangenyanga edlule.

Lo mdlalo kwakungowokugcina esigabeni samaqoqo kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022.

ISafa yasala inxapha yodwa kulandela ukushaywa kweBafana kulo mdlalo, yathi kube nokwenzelela okubi kukanompempe okusize iGhana.

“Sesisitholile isinqumo seFifa kodwa asinayo imininingwane kanti sisazocela ukuthi isinike izizathu bese sibona senza njani,”uphawule kafuphi kanje uMotlanthe.

IFifa ithe ithe abangenelisekile banelungelo lokusifakela inselelo lesi zinqumo sayo.

ISafa yayicele ukuthi iFifa iphenye ukuthi akukho yini okungalungile okwenzeka kulo mdlalo.

Yathi izinqumo zikanompempe odabuka eSenegal zazishayisa amakhala.

IGhana yanikwa ithuba lokuphendulela yacela iFifa ukuthi isichithe lesi sikhalo.

Yathi iSafa ayilandelanga izindlela ezifanele ukufaka lesi sikhalo sayo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.