ISafa isijikile, iphika eyokuqeda konke nomqeqeshi omusha weBafana

OKADONGA GUMBI

NgoLwesihlanu, iSafa yakhipha isitatimende ithi isiqede konke nozothatha izintambo zokuqeqesha iBafana Bafana.

Yathi wonke amathizethize abeshoda aselungisiwe futhi kuzothi ngeviki elizayo imethule emaphakathini umqeqeshi omusha.

Kodwa ngeSonto ntambama ijike ukukhuluma, yagxeka abezindaba ngokuthi bahubhuza aluhlaza cwe amanga uma bethi seyiqedile nomqeqeshi.

“Sesikubonile ukuthi abashicileli bezindaba abehlukene babike ukuthi useqashiwe umqeqeshi omusha kwiBafana Bafana.

“Kwaqala kwathiwa nguCarlos Queiroz, kwalandela uPitso Mosimane futhi manje sekunguBenni McCarthy.

“ISafa kade yakucacisa ukuthi ikomidi elibhekelele ezokuqeqesha yilona elizokwenza izincomo esigungwini esiphezulu, okuyiso esithatha izinqumo, bese kuba yiso esazisa umphakathi uma lonke sekuqediwe,” kusho iSafa esitatimendeni esikhiphe ngeSonto.

Iphephandaba eliphuma ngamaSonto, iCity Press liphume nombiko othi umqeqeshi iSafa eyayikhuluma ngaye ngoLwesihlanu nguBenni McCarthy.

Lithe uMcCarthy – owenza umsebenzi omuhle kuMaZulu FC njengamanje – uzoqala kwiBafana ekupheleni kukaMeyi ngokwesivumelwano anaso neSafa.

Kodwa iSafa ibhoke yakhahlela ikuphika lokhu, ithi ngamampunge nje. Ithe lo mbiko ufuna kube sengathi iSafa izama ukuphasamisa Usuthu.

“Sikuqaphelile ukuthi lento kaBenni McCarthy iqhamuka ngesikhathi AmaZulu ephezulu kwilogi kanti lokhu kungabonakala njengendlela yeSafa yokuphazamisa leli qembu.

“Thina sijabule ngokwenza kahle kwaMaZulu kodwa iSafa izomemezela umqeqeshi omusha uma konke sekuqediwe yisigungu esiphezulu,” kuqhuba iSafa.

Esitatimendeni sayo esisicishile ezinkundleni zokuxhumana la eyayisinameke khona, iSafa yacaphuna isikhulu esiphezulu sale nhlangano, uTebogo Motlanthe sithi sebemtholile umqeqeshi.

“Sesiqede konke obekusele futhi umqeqeshi omusha sizomethula ngeviki elizayo. Zombili izinhlaka (iSafa nomqeqeshi) sezikulungise konke obekusadinga ukuxoxwa, osekusele wukuthi simethule kubantu ngokusemthethweni ngeviki elizayo,” wacashunwa esho kanje uMotlanthe. Funda lolu daba olwashicilelwa ngoLwesihlanu lapha: https://bit.ly/3vGgmRN

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.