ISafa seyifake isikhalazo ngephenathi yeGhana

ISafa seyifake isikhalazo ngephenathi yeGhana
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Inhlangano eyengamele ibhola kuleli iSafa seyiveze ukuthi ayenelisekanga ngesinqumo sikanompempe sokubekela iGhana iphenathi ewine ngayo ishaya iBafana Bafana ngeSonto.

IGhana iwine ngo 1-0 okwenze kwaba yiyo edlulela phambili esigabeni esilandelayo sokuhlungela ukungena kwiNdebe yoMhlaba.

Le phenathi iqhamuke maphakathi nesiwombe sokuqala ngesikhathi uRushine De Reuck ebonakala sengathi uphushe umdlali weGhana engaphakathi ebhokisini.

Nokho lokhu kususe umsindo futhi abaningi kuleli bakholwa wukuthi iBafana ibanjwe ngophondo bekungamele kube yiphenathi leya.

Emlayezweni ovela kwezinye zezikhulu zeSafa kuvele ukuthi iSafa seyivele isifakile isikhalazo kuMatch Commissioner futhi isazoqhubeka nezinye izinyathelo.

“Nakhu esizokwenza: 1. Ukufaka isikhalo sokungeneliseki kuMatch Commissioner.

“2. Sicele ukuba kwenziwe uphenyo olunzulu ukuthi akukho yini ukwenzelela/ukudayiswa komdlalo okwenzekile

“3. Sifuna kucubungulisiswe lesi sehlakalo kusetshenziswa ubuchwepheshe bevidiyo kubhekwe isinqumo sonompempe.

“4. Sicela umdlalo uqalwe phansi enkundleni okuzobe kungekho iqembu elisekhaya kuyo.

FUNDA NALA: IBafana iphucwe iqatha emlonyeni kwiNdebe yoMhlaba

“5. Sizobiza isithangami sabezindaba ngoLwesithathu ekuseni ukwazisa abantu baseNingizimu Afrika ngezinyathelo esizithathayo.

“6. Sicela iCaf neFIFA ukuba balusukumele ngokushesha lolu daba,” bewufundeka kanje lo mlayezo.

Okwamanje ngeke sikwazi ukuveza ukuthi ubuphuma kusiphi isikhulu kodwa singaqinisekisa ukuthi uputshuzwe ngomunywe osebenza kwiSafa.

Sekuvele ke kunohlelo lokuba kusandwe ukuze kuphoqwe iCaf ukuba ilusukumele lolu daba lokubanjwa kweBafana inkunzi.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.