ISafa seyiqinisekise uhlu lwabazongenela esobumengameli

ISafa seyiqinisekise uhlu lwabazongenela esobumengameli
URia Ledwaba onomlando omude ebholeni lakuleli nakwiSafa
Intatheli yeMpempe

Inhlagano eyengamele ibhola kuleli, iSouth African Football Association (iSafa) seyigcine iluqinisekisile uhlu lwabagaqele isikhundla sokuyengamela.

Kuke kwaba nomdonsiswano njengoba bekukhona ukuhilizisana ngokuvumeleka kwabathile ukuthi bangenele ukhetho lokuqokelwa ukuphatha iSafa.

Umphathi weChippa United, uSiviwe Mpengesi naye wake wacela ukuba anikwe ithuba lokuphatha le nhlangano kodwa wabuye wahoxisa.

Kamuva nje le nhlangano isuse umsindo ngesikhathi inqabela uRia Ledwaba ukuba akhankasele lesi sikhundla, ithi lokho kuvuleleka uma sekusele amaviki amabili kuphela.

Ukhetho luzoba ngoJuni 24 eGoli kanti kuzobe kubanga yena uLedwaba, uDanny Jordaan noSolly Mohlabeng.

UMohlabeng cishe uyena abantu abaningi abazozibuza ukuthi ungubani kwazise ubengakaze abe semazingeni aphezulu kule nhlangano.

Le nsizwa ingumengameli wesifunda saseTshwane sale nhlangano futhi uthwelwe ngeqoma yiGauteng ngokuzwa kweMpempe.

Kuningi ukungeneliseki okukhona ngendlela yokuphatha kaJordaan okuthiwa akafuni abazophikisana nakufunayo futhi usheshe abakhombise umnyango abenze njalo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.