Isagqoza iwini kwiGallants emidlalweni yeDStv Premiership

UDABA: Sihle Ndlovu

Isaphika namanje iwini kwiMarumo Gallants eshaywe yiStellenbsoch FC ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership eDanie Craven Stadium, eKapa, ngoLwesithathu.

Leli qembu lizithola lizabalazela iwini yalo yokuqala emidlalweni yeligi kodwa izinto azihlangani okwamanje. Izolo iGallants, ecijwa uMpho Maleka, ibisidlala umdlalo wayo wesishiyagalombili kodwa dololo iwini.

Isakwaze ukuqoqa amaphuzu amathathu kuphela ngokudlala ngokulingana emidlalweni emithathu. Kwemihlanu kukhale isibhaxu nokwenza ukuthi iGallants iyibambe endaweni yesibili ukusuka emsileni.

Leli qembu lidlala ibhola elihle nokuyinto ephinde yacaca izolo yize ziye ekhefini isihamba phambili ngo 1-0 iStellies kaSteve Barker. Bekubhoke uLeandro Mendieta, ogqoka unombolo 10, obelinyathela kuhlehle bonke abadlali beGallants.

UMendieta ube nesandla ekuthe iStellies ishaye igoli ngomzuzu ka-27, nelize no-Ashley Du Preeze. Ngesiwombe sesibili iGallants izamile ukubuya, yakha amathuba okushaya igoli lokulinganisa. Bekuzama uNdabayithethwa Ndlondlo ongabonakalanga kahle ngesiwombe sokuqala ngapha kokuvulela isicathulo kulabo abehlangana nabo.

Okumele kumhluphe kakhulu uMaleka ukuthi iqembu lakhe lidlala ibhola elihla kodwa amagoli awavumi nhlobo ukukhalakathela enethini. Basakwaze ukushaya amagoli eyisithupha kuphela selokhu kuqale imidlalo yeligi.

IGallants ibuye iyibambe emidlalweni yeCAF Confederation Cup okungenzeka ukuthi kuyabaphazamisa kakhulu abadlali uma kuza emidlalweni yePremiership. Emdlalweni olandelayo weligi bazobhekana naMaZulu FC eKing Goodwill Zwelithini Stadium, eThekwini ngoNovemba 3.

Email: editor@impempe.com

Facebook: Impempe SA

Twitter: @impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.