Isakinitelene kuPitso neSundowns ngesikweletu sesibonelelo

Isakinitelene kuPitso neSundowns nesamba senkontileka
UPitso Mosimane nomkakhe uMoira
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter 

Kubukeka kusekude ukuthi iMamelodi Sundowns iyithole imali eyifuna kuPitso Mosimane owayengumqeqeshi wayo.

ISundowns yafaka uPitso enkantolo ngoba ithi uyayikwelelata kulandela ukunqamula kwakhe inkontileka kuleli qembu bese eyojoyina i-Al Ahly e-Egypt.

Ngokwamaphepha afakwa yiSundowns enkantolo, leli qembu lifuna imali engaphezu kuka-R8-million kuPitso nenkampani emphethe iMT Sport and Management.

Le nkampani iphethwe nguMoira Thlagale ongumkaPitso kanti seyikuvezile ukuthi ngeke iyikhokhele le mali.

Ngokusho kweSundowns le mali iyifuna ngoba uPitso waphula isivumelwano sokuqashana kusaphele izinyanga ezine esisayinile.

Le mali yayiyisibonelelo esakhokhelwa iMT Sport and Management ukuyibonga ngokuqinisekisa ukusayinwa kwesivumelwano kahle.

ISundowns ithi uPitso nomkakhe babevumile ukuthi bazoyikhokha ngamacozucozu le mali uma kwenzeka ehamba ingakapheli inkontileka yakhe.

Wayesayine inkontileka yeminyaka emine eyayizomholela imali engaphezu kancane kuka-R1.5-million ngenyanga ingakabalwa imihlomulo yokuwina.

Kodwa njengoba isivumelwano sasheshe sanqamuka, seyithi ayibuye le mali ngoba kufana nokuthi sasingekho lesi sivumelwano.

Yabe seyimfaka enkantolo ukuze imphoqe ukuba akhokhe le mali, kodwa naye useziphendulele khona enkantolo.

Ngokokubika kweSunday World uhlangothi lukaPitso luthi iSundowns yeqa uhlaka lokuqondiswa kwezigwegwe lwePSL la kwakumele iqale khona.

Yingakho ke bethi kumele inkantolo ilufake iscathulo lolu daba iluchithele ngaphandle.

“Ngenxa yalokhu, lokhu okubalwe ngenhla kwenza ukuthi le nkantolo ehloniphekile ayinalo igunya lokunquma kulolu daba. Ukufika kwalo lapha kusheshe kwenzeka.

“Yingakho ke sicela ukuthi lesi sicelo inkantolo isichithe bese ihlawulisa izindleko kulabo abasifakile,” abefundeka kanje amaphepha afakwe yithimba likaPitso enkantolo.

FUNDA NALA: U-Ayew uthi ayikho lento ekhalelwa yiBafana ngonompempe

Nokho neSundowns iziphendulele yathi udaba lungaphezulu kwesigungu sePSL esiqondisa izigwegwe ngakho kumele luqhubeke enkantolo.

Isikhulu esibhekelele ezomthetho kwiSundons uYugesh Singh sicashunwe sithi uPisto kumele enze into efanele.

“Uma ungabuza ukuthi ngabe lolu daba ngeke lwaxazululwa ngaphandle kwenkantolo, impendulo yethu ingathi impela kungenzeka.

“Uzokhumbula ukuthi ukufuna le mali yesibonelelo eyakhokhwa ngoba beyicelile, sasingaphoqelekile ngokomthetho ukuba siyikhokhe.

“Ngakho kumele bona benze into efanele babuyise le mali,” kusho uSingh.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.