Isayine isitobha sangakhaboSamir Nurkovic yaphinde yahlabana ngomgadli weChiefs iMaritzburg United

UKeletso Sifama obolekiswe yiKaizer Chiefs kwiMaritzburg United

OKADONGA GUMBI

IMaritzburg United edonsa kanzima kwiDStv Premiership, isiqinise udonga lwayo lwasemuva ngesitobha saseSerbia uDusan Stevic.

Kuyacaca ukuthi into afike wakhala ngayo kuleli qembu u-Ernst Middendorp yilo udonga lwasemuva ngoba uStevic ngowesithathu kubadlali basemuva abasayinwe yileli qembu kusukela kubuye yena.

Laqala lalanda uClayton Daniels owayesanda kudilizwa yiSuperSport United, kwalandela ngonozinti waseGermany, uMarcel Engelhardt.

UStevic yena uqhamuka ezweni elilodwa nomgadli weKaizer Chiefs, uSamir Nurkovic owalethwa nguMiddendorp ngesizini edlule kuMakhosi.

Lo mdlali oneminyaka engu-25 udlala emuva ophikweni lwesikudla okuyindawo iBlue Hearts ethanda ukuntengantenga kuyo kule sizini.

Ngokwesitatimende seMaritzburg, uStevic useke wadlala kwiNapredak esigabeni esiphezulu eSerbia kanti wake wavela naseGreece naseNorth Macedonia.

UStevic usayine inkontileka yezinyanga ezingu-18 kwiMaritzburg. Usihlalo qembu, uFarook Kadodia uthe banethemba lokuthi uzoba wusizo eqenjini.

“Sifisa ukwamukela uDusan ngezandla ezifudumele… Ithimba labaqeqeshi ngokuhlanganyela nabaphathi beqembu babone isidingo sokuqinisa emuva.

“Kuthe uma senza ucwaningo sathola ukuthi uStevic ungena khaxa kulesi sikhala esifuna ukusivala. Siyethemba uzoqinisa emuva,” kusho uKadodia.

IMaritzburg iphinde yathola nomgadli osemncane, uKeletso Sifama embolekwe yiKaizer Chiefs. USifama uzohlala kwiTeam of Choice kuze kuphele isizini.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.