Isazophoqeleka ukuyidlalela ekuhambeni eyasekhaya iRichards Bay

Isazophoqeleka ukuyidlalela ekuhambeni eyasekhaya iRichards Bay
Abalandeli beRichards Bay kuzofanele baye eThekwini ukuyoyibuka idlala ekhaya
Alfred Ngubane 

Kubukeka isazophoqeleka ukuthi iyidlalele eThekwini imidlalo yasekhaya iRichards Bay enyukele kwiDStv Premiership ekupheleni kwesizini edlule.

Ukwenyuka kwayo kulethe injabulo kubantu baKwaZulu-Natal kwazise kusho ukwanda kwemidlalo yalesi sigaba eza khona ngesizini ezayo.

Ungqonqeshe wezemidlalo eKZN, uHlengiwe Mavimbela uvele wadla amazambane ngenkundla okufanele isetshenziswe yiRichard Bay iMhlathuze Sports Complex.

Ebuzwa yiMpempe uvele sacasha ngesithupha qede wathi lukhona uhlelo lokuthuthukisa le nkundla kodwa kuzothatha kude.

Khonamanjalo, uThami Ntuli oyimeya yaseKing Cetshwayo District Municipality wathi bona sebekhiphe imali enguR2 million, uMhlathuze nawo wathi ufake imali eningi kodwa wangayidalula.

Waphinda wakuveza ukuthi lomnyango wezemidlalo wona awufake lutho njengoba namanje ungacacisi ngokuzinikelwa kwawo ekulungisweni kwale nkundla.

FUNDA NALA: UParker usakhala ngokukhinjwa kwakhe indlela kwiChiefs

Lokhu kusho ukuthi abathandi nebhola baseKing Cetshwayo, Zululand naseMkhanyakude ngeke bakwazi ukubona iqembu labo lidlala ekhaya kuzophoqeleka ukuthi bayolibuka eKing Zwelithini Stadium eMlazi.

Le nkundla ayikho esimweni sokudlala imidlalo yePSL futhi kusamele ilungiswe kabusha. Umphathi weBay, uSifiso “Jomo” Biyela wathi bayafuna ukuzodlala ekhaya njengoba iqembu kungelakhona.

Nokho konke kuzandleni zomnyango wezemidlalo nomasipala. Leli qembu lisanda kuthola uxhaso lukaR2 million kumkhandlu waseKing Cetshwayo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.