Isazoqhubeka nokuqinisa isandla kweyeCAF iSundowns

ULyle Lakay

OKADONGA GUMBI
Seyivele izibekisele indawo esigabeni esilandelayo kwiCAF Champions League iMamelodi Sundowns, kodwa lokho akusho ukuthi isizowaxolela ngesibhaxu amaqembu esazodlala nawo ukuqedela isigaba samaqoqo.
ISundowns iphezulu kuGroup B ngamaphuzu angu-12 njengoba isayiwine yonke imidlalo yayo. Seyisele nemibili kanti komunye wesele izobhekana ne-Al Hilal yaseSudan ngoLwesihlanu.
Leli qembu laseChloorkop selivele lisendleleni ebheke eSudan futhi umdlali walo, uLyle Lakay uthi abayele ukuyosinisa amahleza.
“Ngumdlalo obalulekile lona kithi, sizibekele umgomo wokuzuza izinto ezinkulu. Sisayiwine yonke imidlalo esigabeni samaqoqo futhi sifuna ukuyiqeda ngegiya eliphezulu,” kusho uLakay.
Kusobala ukuthi iHilal iyawadinga nayo amaphuzu amathathu kulo mdlalo njengoba isendaweni yesibili. Iyalingana ngamaphuzu amathathu neCR Belouzdad yaseMorocco, kanti ukunqoba kulo mdlalo kungayibeka ethubeni elihle lokudlulela phambili esigabeni somkhumulajezi.
“Ngilindele ukuthi bazobe bengagayelwe mphako njengoba bezobe bengakubo. Bazosijijimeza ngayo yonke indlela ngoba bazobe bezitshela ukuthi yithuba labo leli lokudlulela phambili.
“Thina sizohlala kumacebo ethu esihlale siwasebenzisa kuyo yonke imidlalo ukuqinisekisa ukuthi siyakwenza esikuzele.”
Njengoba sekudonselwa ngasentanjeni kuyo yomithathu imiqhudelwano iBrazilians ebanga kuyo – okuyiChampions League, DStv Premiership neNedbank Cup – uLakay uthi kubakulekile ukungakhohlwa ngabahlose ukukuzuza.
“Sihlezi sisendleni, futhi sinemidlalo eminingi. Kunemidlalo enzima ezayo njengoba sekuzophela isizini nje kanti sesibuka yonke imidlalo ngeso lokuthi ngowamanqamu.
“Sinesikuhlelile esifuna ukukuzuza ekupheleni kwesizini futhi akukhona okokuqala sisesimweni esinjena. Sinamava amakhulu ngoba asemaningi amasizini kwenzeka kanjena okusilungiselele izimo ezinjena.”
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.