ISekhukhune ayiyingeni eyecala, ilungiselela isizini yePremiership

ISekhukhune iyaqhubeka nokulungiselela isizini yePremiership
UThabo Rakhale
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

ISekhukhune United ayizibekile phansi, ilungiselela isizini entsha yeDStv Premiership. Leli qembu laseLimpopo linyukele kulesi sigaba ngemuva kokuba ngompetha beGladAfrica Championship ngesizini ka-2020/21.

Nokho ke kusenombango ngalokhu njengoba neRoyal AM ithi yiyo ompetha balesi sigaba. Kuesenecala elisenkantolo nokubukeka lisekude ukuphela ngalokhu.

Kodwa lokhu akuyivimbile iSekhukhune ekuqhubekeni nezinhlelo zesizini yayo yokuqala kwiPremeirship. ISekhukhune imemezele uThabo Senong njengomqeqeshi ezoqinisa ngaye ethimbeni labaqeqeshi.

Ngaphezu kwalokho kuthiwa kunenqwaba yabadlali abazicija naleli qembu ngenhloso yokuzama ukuba yingxenye yalo. Kubo singabalula uThabo Rakhale owaduma kwi-Orlando Pirates nobedlala kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila ngesizini edlule.

Nowayeyibamba kwiKaizer Chiefs, uGeorge Lebese kubhekwe ukuba aphothule izingxoxo naleli qembu maduze. Impempe ithole ukuthi uLebese ulinde kucace ngecala ngaphambi kokuba azibophezele kuleli qembu.

“Phela ngeke kube kuhle ukuthi asayine bese kuyajika sekuthiwa uyodlala kwiGladAfrica Championship okuyinto engenzeka uma ibalahla inkantolo,” kusho osondelene nalo mdlali odabuka eMamelodi.

USenong, 40, oke waqeqesha iqembu lesizwe laseLesotho, uzosebenza ngokubambisana noMcdonald Mukhubedu azoba yiphini lakhe. Useke wasebenza njengomqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli lika-Under 20 isikhathi eside.

“Ngiyajabula kakhulu ukuba yingxenye yeSekhukhune United. ISekhukhune yiqembu likahle kakhulu endleleni engenza ngayo nengikholelwa kuyo njengomuntu,” kusho uSenong esitatimendeni esikhishwe yiqembu.

“Kunabantu abaningi abazibeke phansi kuleli qembu, abantu abanamava kakhulu. Ngibonga kakhulu kubaphathi beqembu ngokunginika leli thuba. Ngibonga angiphezi kumengameli weqembu, nakumqeqeshi uMcdonald Makhubedu nethimba lonke labaqeqeshi.

FUNDA NALA: IRoyala AM ifuna isikhulu sePSL sibhadle ejele ngokuphula umthetho

“Ngikubheke ngabomvu ukusebenza lapha, ngifunde, ngikhule njengomqeqeshi. Sengibe yingxenye yebhola laseNingizimu Afrika isikhathi eside. Ngisebenzile eqenjini lesizwe (iBafana Bafana) nsemaqenjini amancane esizwe. Lena yinselelo entsha kodwa ngikulungele ukuyibamba ishisa,” kusho uSenong.

Isikhulu seqembu uSimon Malatji, uthe: “Ngithanda ukuthatha leli thuba ukwamukela uSenong kwiBabina Noko. Siyamazi ukuthi usebenza kahle kanjani futhi siyakholwa ukuthi uzosebenza kahle nethimba labaqeqeshi, njengoba sizama ukwakha kabusha iqembu nokuqinisekisa ukuthi sineqembu eliqinile ngesizini ezoqala”.

ISekhukhune igcine inikwe amaphuzu amathathu,namagoli amathathu, ngemuva kokuwina icala nePolokwane, nokuyinto esuse ukukhuluma phakathi kwayo neRoyal AM sekugoqwa isizini.

Icala elidluliselwe phambili yiRoyal AM liseSupreme Court njengamanje kanti akwaziwa ukuthi kuzophuma isinqumo esithini. IRoyal AM ikholwa ukuthi iyona obekumele ibe ngompetha beChampionship ngoba iSekhukhune bekungamele ibixabezwe ngamaphuzu amathathu ekugcineni.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.