ISekhukhune igxumele eqhulwini kwi-log yeGladAfrica Championship

Mthokozisi Mncuseni

ISekhukhune United igxume yahlala esicongweni seGladAfrica Championship kulandela ukunqoba kwayo kwiFree State Stars ngoMgqibelo, eMakhulong Stadium.

Le wini bayithole kwiFree State Stars ngamagoli kaYusuf Maart noPrince Nxumalo benqoba ngo 2-1.

Bekuyisibhaxu sokuqala kumqeqeshi omusha we-Ea La Koto, u-Allan Freese, osanda kukhonjwa indlela kuMaZulu kade ebambe isikhashana.

Yize iSekhukhune iqhwakele kodwa ayihleli kahle kwazise ingcono ngamagoli kuphela kwiJDR edlale kancane ishaywa yiCape Town Spurs ngo 2-1, eGiant Stadium, eKapa.

Lena bekuyiwini yokuqala yesizini kodwa yize benqobile basahleli endaweni ka-16 kwi-log kwazse basaphumelele ukuqoqa amaphuzu ayisithupha kuphela emidlalweni eyisishiyagalombili.

ISpurs isele ngamaphuzu amabili kuphela kwabangaphezulu kwayo okuyiBizana Pondo Chiefs eshaywe yiCape Umoya ngo 1-0 ngoLwesihlanu eParow Park, eKapa.

Sisekhona eKapa kodwa ngoMgqibelo, izinkinga zeCape Town All Stars ziqhubekile njengoba iphinde yashaywa yiSteenberg ngo 2-0, e-Idas Stadium.

Ezika-Andile Mpisane, iRoyal AM, zizithola zisendawnei yesikhombisa kwi-log njengoba ziqhubekile nokungashaywa emidlalweni eyisithupha zinqoba ngo 1-0 kwiJomo Cosmos.

NgeSonto bezibulalana eTuks Stadium kodwa kwacaca ukuthi akuhambi kahle kwi-University of Pretoria ebambane noThongathi FC ngo 1-1.

Isiyisithupha imidlalo engayazi iwini amaTuks kanti nePolokwane City idonsa kanzima kwazise ishaywe okwesithathu kulandelana, kulokhu induku ivela kwiPretoria Callies esuka esigabeni sama-amesha. Lo mdlalo ubuseLucas Moripe Stadium.

IRichards Bay izibeke endaweni yesihlanu kwi-log yeGladAfrica yize idlale ngokulingana kuba u 0-0 neTS Sporting eMhlathuze.

Isiyonke imiphumela yeGladAfrica Champiopnship ihambe kanje:

Cape Umoya 1-0 Bizana Pondo Chiefs; Free State Stars 1-2 Sekhukhune United; JDR Stars 1-2 Cape Town Spurs; Jomo Cosmos 0-1 Royal AM; Steenberg United 2-0 Cape Town All Stars; Richards Bay 0-0 TS Sporting; University of Pretoria 1-1 Uthongathi FC; Pretoria Callies 2-1 Polokwane City.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.