ISekhukhune imgabhile uNtshangase obezicija nayo

ISekhukhune imgabhile uNtshangase obezicija nayo
USiphelele "Stash" Ntshangase
ESIZIZWA NGANDLEBENYE
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

ISekhukhune .

Impempe seyithole ukuthi kusukela kuqale leli sonto uNtshangase ubeziqeqeshaUnited seyimyalele ukuba angabe esaqhubeka nokuziqeqesha nayo uSiphelele “Stash” Ntshangase. Lo mdlali obegijima kwiKaizer Chiefs kodwa waxoshwa ngasekupheleni kwesizini neSekhukhune ngethemba lokuhlaba umxhwele abaqeqeshi ukuze bamsayine.

Kodwa kuthiwa ngoLwesithathu babe sebemyalela ukuba angabe esabuya ngoba ngeke bamsayine, akanakho lokhu abakudingayo kubadlali. Kuthiwa ubecelelwe ngabamphethe ukuthi azicije neqembu ukuze abaqeqeshi bambine kahle eduze.

“Ubekuyo kusukela ngeviki elidlule. Inhloso bekuwukuthi abaqeqeshi bambheke kahle. Kodwa ngathi akabachazanga ngpoba akabuyanga ngoLwesine kanti sizwa kuthiwa utshelwe ukuthi akakhululeke,” kusho umthombo.

UNtshangase wayekhombise ukuba nekhono eliyinqaba ngaphambi kokusayinwa yiChiefs. Kodwa wehluleka wancama ukungena eqenjini eliqala imidlalo futhi uhlale iminyaka emine ekhuhla ibhentshi noma ebuke nabalandeli.

Ube esekhululwa ngendlela exakile sekusele izinyanga ezimbili isizini iphele kwangabikwa sizathu esitheni. Isitatimende seChiefs sathi zombili izinhlangothi zivumelene ngokuthi zihlukane.

Kodwa kwabuye kwavela ngokuhamba kwesikhathi ukuthi indlela yokuziphatha engeyinhle enokuchiza nokudelela yiyo eyambangela amazinyo abushelelezi. Nokubuye enze izinto ezingabafanele abadlali basezingeni elikhokhelayo nakho kwaba nomthelela.

FUNDA NALA: I-England seyisondele ekuqedeni ihlazo leminyaka kwi-Euro Championships

ISekhukhune isanda kumemezela ukuthi imsayinile uThabo Rakhale naye owayefike ezohlolwa ekuqaleni kwesonto. URakhale wazakhela igama kwi-Orlando Pirates la ayedlisa khona ngomjiko owamenza intandokazi kubalandeli.

Nokho wagcina engasalitholi ijezi, wabolekiswa kwiChippa United agcina esesayine kuyo unomphelo. Nokho nayo imchithile wabe esesayina kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila, osekiuyiMarumo Gallants manje, ngesizini edlule. Nayo imchithile ekupheleni kwesizini.

Abanye abadlali iSekhukhune ememezele ukuthi sebesesitebeleni sayo ngoTshediso Patjie (obekwiBaroka FC); Tumelo Matona (obekwiJomo Cosmos); Kamohelo Sithole (obekwiTS Sporting) noSeun Ledwaba (obekwiCosmos).

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *