ISekhukhune yiyo ompetha beChampionship, kodwa iRoyal AM isazolwa

Shauwn Mkjhize Sekhukhune United Royal Eagles
UShauwn Mkhize weRoyal AM
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Thuli Dlamini

Imidlalo yeDStv Premiership neyeGladAfrica Championship ka-2021/22 ingase igcine iphazamisekile uma udaba oluyimpicabadala phakathi kweRoyal AM neSekhukhune United lisahamba izinkantolo.

NgoMgqibelo isinqumo senkantolo enkulu yaseGoli sivune iSekhukhune nokuchaza ukuthi uma kuqhutshekwa nalokhu iyona ezoba ngompetha beChampionship ka-2020/21.

Isinqumo somehluleli ozimele sokunika iSekhukhune amaphuzu amathathu, ecaleni layo nePolokwane City, ngeke siguquke ngokusho kwenkantolo.

Ukungavunwa yicala kweRoyal AM kusho ukuthi uma ingalidluseli phambili icala kuzomele idlale imidlalo yokuhlunga. Nayo le midlalo ingase ingaqali ngesikhathi uma lokhu kudonsisana kuqhubeka.

Akukho ukungabaza ukuthi iRoyal AM izoludlulisela phambili lolu daba uma kuya ngamazwi omphathi weqembu uShauwn Mkhize.

Ekhuluma ngesikhathi kunomcimbi wokuhalalisela amaqembu aKwaZulu-Natal, enze kahle ngesizini edlule, uShauwn uzwakale enokuzethemba okukhulu mayelana naleli cala.

UShauwn uthembise ukuthi uzolwa ngayo yonke indlela ukuze athole indebe yeGladAfrica Championship akholwa wukuthi kumele kube ngeyabo.

“Engingakusho ukuthi ngeke iqale isizini uma kuphuma isinqumo okungebona ngoba ngizolidlulisela phambili nakanjani icala. Ngifingqe imikhono, ngizolwa ngayo yonke indlela,” kusho uShauwn ngoLwesihlanu.

Akwaziwa ukuthi iyogcina izale nkomoni kuleli cala njengoba kusobala ukuthi akekho ofuna ukuzibeka phansi. Okucacayo ukuthi la maqembu awazimisele womabili ukuyodlala imidlalo yokuhlunga kodwa afuna ukuqonda ngqo kwiPremiership. Nayo le midlalo yokuhlunga ivele isiphazamisekile ngenxa yokuqhubeka kwaleli cala.

Isitatimende esikhishwe yiPremier Soccer League (PSL) sithe: “Ngokwesinqumo senkantolo iSekhukhune United seyikhuphukele kwiDStv Premiership lapho isizodlala khona ngesizini ezayo. IChippa United, Royal AM neRichards Bay,bazodla kweyokuhlunga ezoqala ngoJuni 15.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.