ISELULEKO: USangweni ucebisa uHlatshwayo ngezinga lakhe kwiPirates

USiyabonga Sangweni
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

USiyabonga “Nsimbi” Sangweni, owayeyisiqongwane emuva kwi-Orlando Pirates unombono ngokuthi yini engasiza uThulani Hlatshwayo adlale kangcino kuleli qembu. uHlatshwayo ufike kwiBucs ethwelwe ngeqoma ekuqaleni kwesizini, kodwa izinto azimhambeli kahle.

Selokhu efikile unamaphutha amabi amhlasele nasemenze wagcina enyamanambana kubalandeli baleli qembu. Useke waze washaya negoli elibe ngumkhonto ogwaza ekhaya bebhene beSwallows FC muva nje.

Exoxa neMpempe, uSangweni uthi uHlathwayo kumele ake athole isikhathi ahlale phansi azibheke kahle kusukela engumdlali weBodvest Wits bese aphinde azibheke kahle esengumdlali wePirates.

“Kumele azinuke yena amakhwapha, abheke ukuthi yini le emenza abe namaphutha angaka. Kumele awalungise amaphutha akhe asemngenisele amanzi ngomsele kubalandeli beqembu.

“La maphutha ache amqhatha nabalandeli. Cabanga nje ukuba abalandeli bavumelekile ezinkundleni ngabe kunjan? Impela kumele asheshe akulungise lokhu okumenza agcine enamaphutha,” kuchaza uSangweni.

USangweni ukuvezile ukuthi eZimnyama kudala zazimhalela uHlatshwayo ngoba ngisho naye esadlala zazikhona izinkulumo zokuthi uzolandwa. Nokho kwagcina kungenzekanga yize naye uHlatshwayo uqobo ayekuvezile ukuba nesifiso sokudlala kwiPirates.

Kwezibhekene naye uqobo umfokaSangweni, uveze ukudumala ngokuthi nakulokhu awuzukuba khona umqhudelwano ayaye awuhlele ngakubo eMpangeni. Uthe iSiyabonga Sangweni Tournament – la kuyaye kudlale khona abafana abasebancane bese emema abahlwaya ithalente emaqenjini ehlukene – ngeke ibe khona ngenxa yemigomo yokunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19.
Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.