Isengcupheni yokubhuntsha imidlalo kaSiyabonga Sangweni

Isengcupheni yokubhuntsha imidlalo kaSangweni
USiyabonga Sangweni owayegijima kwi-Orlando Pirates neBafana Bafana
Alfred Ngubane 

Akucaci ukuthi izogcina idlaliwe yini imidlalo kaSiyabonga “Nsimbi” Sangweni njengoba usuku ezodlalwa ngalo lungakaziwa kuze kube manje.

Lokhu kuvezwe ymenenja kamasipala waseMfolozi u-K.E. Gamede ekhuluma neMpempe ngokukhethekile kule mpelasonto.

“Sisalinde ungqongqoshe wezemidlalo kuzwelonke uNathi Mthethwa ukuthi abeke usuku azofika ngalo ezovula inkundla bese ekhipha nosuku lwemidlalo kaSiyabonga,” kusho uGamede.

“Kulindeleke nomgubho weminyaka eyishumi ikhona le midlalo,” kwengeza uGamede. Uphinde waveza ukuthi bacele uSiyabonga nethimba lakhe elihlela le midlalo ukuthi lihoxise usuku kukaJune 29.

Le midlalo inedumela entsheni yasemfolozi namaphethelo njengoba kudlalwa imidlalo emningi ehlukene.

Kuba khona nemidlalo yezikole ehlukene kuphinde kube nemidlalo efana nebhola lezinyawo, ezamanqindi, nelomnqakiswano.

Le midlalo idlala izinsuku ezintathu kanti iphinde ifukule umnotho endaweni njengoba osamabhizinisi bendawo baphuma ngobuningi bezokhangisa ngabakudayisayo.

Uma le midlalo igcina ngokubhuntsha, izolambisa imindeni emningi kakhulu, ngokusho kwabantu abahlela le midlalo abangathandanga ukuphumela obala ngemibono yabo.

Impempe ibe seyiphinda ithola ukuphawula kwabantu baseDondotha kanti uMuzi Mbatha oshayela amatekisi aseMhlanga uthe uyafisa ukuthi iqhubeke le midlalo.

FUNDA NALA: UMotsepe uvikise iPSL ihlazo elibi efika noxhaso lweNFD

“Isiza abantu abaningi le midlalo njengoba omama abadayisayo belala nemali enhle kanti nemboni yamatekisi iyahlomula kakhulu.

“Bathutha abantu ezindaweni ezakhele iKing Cetshwayo District,” kusho omfokaShandu odabuka kule ndawo.

Kule midlalo kusuke kugadulisana amaqembu aphuma komasipala abahlanu: uMlalazi, uMhlathuze, iMfolozi, iNkandla, uMthonjaneni.

Kusuke kunanezinhloli eziqhamuka emaqenjini ehlukene ezigaba ezikhokhelayo nezama-amesha ezisuke zizohlwaya ikhono elisha.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.