ISharks ayinasikhathi sokuzilela ukushywa kwiCurrie Cup, impi iyaqhubeka

ISharks ayinasikhathi sokuzilela ukushywa kwiCurrie Cup, impi iyaqhubeka
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Izozikhotha amanxeba qede ibuyele khona empini iCell C Sharks njengoba izobhekana neVodacom Bulls kwiCurrie Cup. Lo mdlalo uzoba seJonsson Kings Park ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku.

Leli qembu laseThekwini liya kulo mdlalo livela esibhaxwini sika 37-27 elisithole kwiTafel Lager Griquas ngempelasonto edlule.

Ukushaywa kweSharks emdlalweni odlule kwenze yalahlekelwa yindawo esicongweni njengoba isisendaweni yesibili nja manje.

Ukuwina lo mdlalo wangoLwesihlanu kungayibuyisela esicongweni iSharks ezama ukuphinde izibekisele indawo kowamanqamu kwiCurrie Cup.

Leli laseThekwini qembu lifikile kowamanqamu ngesizini edlule kodwa lashaywa yiyo iBulls selithembile. Umqeqeshi weSharks uSean Everrit wenze izinguquko ezimbalwa eqenjini elihlulwe amaHiligwa.

Ufake uKhutha Mchunu endaweni kaLourens Adriaanse, kwathi uDylan Richardson wangena endaweni kaJames Venter.

ULionel Cronje uzongena kunombolo 10 bese uCurwin Bosch abuyele kunombolo 15.  Indawo kaMpilo Gumede izothathwa uHenco Venter.

UGrant Williams uzongena endaweni kaSanele Nohamba ozoqala esebhentshini. ISharks kuzomele igweme amaphutha okuyinto egqame emdlalweni odlule yize kade idlalela ekhaya.

FUNDA NALA: UTau usezodlala ngaphansi kukaPitso Mosimane kwi-Al Ahly

Ibingeyimbi neze kwi-scrum nama-lineouts kodwa okugqamile ukuthi ibivuleka kalula emuva. Mhlawumbe lolu shintsho olwenziwe umqeqeshi luzobonakala uma isibhekene neBulls nayo engeyinhle kulezi zinsuku.

Empeleni nje iSharks kumele iwuwine kalula lo mdlalo uma kubhekwa indlela edlala ngayo iBulls kwiCurrie Cup. Nokho akulula ukuqagula umdlalo webhola lombhoxo, futhi neSharks akumele iyithathe kancane iBulls.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.