ISharks ibuyela enkundleni kwiCurrie Cup ngemuva kokuvinjwa yiCovid

ISharks ibuyela enkundleni kwiCurrie Cup ngemuva kokuvinjwa yiCovid
UKhutha Mchunu
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Google

Ngemuva kokungadlali isikhashana kwiCarling Currie Cup, iCell C Sharks izobuyela enkundleni lapho izobhekana khona neToyota Cheetahs ngoMgqibelo ntambama.

ISharks ike yahlala ingadlali ngenxa yokubhuntsha kwemidlalo obekumele iyidlale obekuphoqwa yisimo seCoronavirus. Kuqale kwabhuntsha ebizowudlala neNew Nation Pumas.

Kube sekulandela obubhekwe ngabomvu lapho ebizobhekana khona neVodacom Blue Bulls. KoweBulls bekusatshelwa izibhelu ezike zasuka KwaZulu-Natal ngoba ubuzodlalelwa eThekwini.

Nokho ngeke kushiwo ukuthi iSharks ayinawo umgqigqo, noma abadlali kade bagcina ukungena enkundleni. Balitholile ithuba lokuzivivinya ngesikhathi bebhekene neBritish & Irish Lions kabili esikhathini esiyizinsuku ezintathu.

Eqenjini leSharks elizobhekana neCheetahs kubuye uKhutha Mchunu, ozongena endaweni kaWiehann Herbst, kanti uJames Venter uzongena endaweni kaMpilo Gumede ozoqala ebhentshini.

UGrant Williams uzowuqala umdlalo kulokhu njengoba uJaden Hendrikse engeke adlale ngenxa yokuthi uzoba edonsa isigwebo.  UWilliams uzodlala ngokubambisana noCurwin Bosch ozobe eyibambe kunombolo 15.

Uma kubhekwa indlela edlale ngayo iSharks emdlalweni wesibili ibhekene neLions, kunika elikhulu ithemba lokuthi izobuya namaphuzu aphelele kwiCheetahs. Nokho kuzomele igawule ibheke kuleli qembu ngoba akulula ukubhekana nalo.

Lisanda kushaya iDHL Western Province ngo 38-21 ngoLwesithathu koweCurrie Cup. Nokho iSharks ingathola amandla ekutheni leli qembu laseBloemfontein yilona eliyibambe emsileni.

FUNDA NALA: U-Erasmus usejahe kuqale isizini aqhulule amagoli

Njengamanje iSharks isendaweni yesithathu kwilogi ngemuva kwemidlalo emine. Isawine owodwa kanti emibili iyidlale ngokulingana (le ebhuntshile) yase ishaywa kowodwa.

Ukuwina ngoMgqibelo kuyozibeka ethubeni lokunyukela esicongweni uma ivunwa eminye imiphumela. Umdlalo uweToyota Stadium, ngoMgqibelo ngo-2.30 ntambama.

Eminye imidlalo yeCurrie Cup imi kanje:

NgeSonto: New Nation Pumas v DHL Western Province (Mbombela Stadium, 1pm); Vodacom Bulls v Sigma Lions (Loftus Stadium, 3.315pm)

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.