ISharks ihlome ngoKolisi kwezowudlala neStormers kwiRainbow Cup

USiya Kolisi

SIHLE NDLOVU

Kusuka ushikishi lwemidlalo yebhola lombhoxo, iRainbow Cup SA, kanti umdlalo obhekwe kakhulu kule mpelasonto ophakathi kweDHL Stormers neCell C Sharks eDHL Stadium, ngoMgqibelo ngo-2 ntambama.

Umqeqeshi weSharks, uSean Everitt, unesikwati esiphelele ukuthi akhethe kusona, futhi ukhethe isikwati esiqinile esifaka phakathi nobengukaputeni weStormers uSiya Kolisi.

Kube nenhlokomo enkulu kubalandeli beSharks ngesikhathi uKolisi esayina kuleli qembu ezinyangeni ezedlule. UKolisi udume umhlaba wonke ngemuva kokuqukula iNdebe yoMhlaba namaBhokobhoko eJapan ngo-2019, lapho ebe ngukaputeni omnyama wokuqala wakuleli ukuwina le ndebe. Uzobe eqala ukubhekana neqembu abelidlalela selokhu esayine kwiSharks.

Ngaphandle kukaKolisi kukhona namanye amaBhokobhoko kwiSharks okubalwa kuwona ukaputeni uLukhanyo Am, kanjalo noCurwin Bosch onamava kunombolo 10. Kunombolo 15 iSharks iphethe isikwibhisi esiwu-Aphelele “Weekend Special” Fassi.

Ohlangothini kunombolo 14 kukhona uSbu Nkosi naye obekhona eJapan iNingizimu Afrika ishaya i-England kowamanqamu weNdebe yoMhlaba. Konke lokhu kwenza kubukeke sengathi iSharks izofika kulo mdlalo weRainbow Cup SA, iqine kakhulu kuneStormers. Ebhentshini nakhona iSharks iqine kakhulu okuchaza ukuthi nangesiwombe sesibili izoshubisa ngoMgqibelo.

Selilonke iqembu leSharks limi kanje: Ox Nche, Fez Mbatha, Thomas Du Toit, Ruben van Heerden, Ranie Hugo, Siya Kolisi, Henco Venter, Sikhumbuzo Notshe, Grant Williams, Curwin Bosch, Yaw Penxe, Jeremy Ward, Lukhanyo Am (ukaputeni), Sbu Nkosi, Aphelele Fassi

Ebhentshini: Kerron van Vuuren, Ntuthuko Mchunu, Wiehahn Herbst, JJ van der Merscht, Phephsi Buthelezi, Sanele Nohamba, Manie Libbok, Werner Kok.

Imidlalo yeRainbow Cup SA imi kanje:

NgoMgqibelo: Stormers v Sharks (DHL Stadium, 2pm); Bulls v Lions (Loftus Versfeld, 7pm)

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.