ISharks iphinde yabola yisibhaxu kwiBulls

Bekushube kanje

SIHLE NDLOVU

ICell C Sharks kuzomele ivuke izithathe ikhohlwe okwenzeke ngempelasonto lapho ibhaxabulwe khona yiVodacom Bulls ngo 43-9 emdlalweni weRainbow Cup SA.

Abafana baseThekwini bebeqala ukushaywa kulo mqhudelwano kanti bebebhekene neqembu elingakashaywa nalo nelingagayelwa mphako uma lidlalela ekhaya. Ukushaywa kweSharks kucishe kucacise ukuthi iBulls ayilizwa leli qembu.

Emdlalweni wamanqamu weCurrie Cup kwenzeke okufanayo yize kwayiwo kulo mdlalo kuyiSharks eyayithwelwe ngeqoma. ISharks izobhekana neStormers ngoMgqibelo eJonsson Kings Park, kanti kungase kulindeleke ushintsho eqenjini uma kubhekwe indlela elihlazeke ngayo ePitoli ngempelasonto.

Emdlalweni womzuliswano wokuqala iSharks ibuye isilandela ngemuva ngo 17-0 yagcina ishaye iStormers ngo 33-30 eKapa ngoMeyi 1. Kulowo mdlalo kuhlaluke ukudlala kabi kakhulu kwabadlali beqembu laseKapa okwaze kwaholela ekutheni ababili babo bakhishwe ngamakhadi abomvu.

IStormers iwine okokuqala ngempelasonto ngesikhathi ishaya iLions ngo 39-37 emdlalweni obushubile. ILions akuyihambeli kahle njengoba isahlulekile ukuwina emidlalweni emithathu esiyidlalile. AmaBhubesi azobhekana neBulls e-Emirates Airlines Park ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.

Ngemuva kwemidlalo yangempelasonto iSharks izobe isisalelwe yimidlalo emibili. Izobhekana neLions ngoJuni 5 e-Emirates Airlines Park, bse ithole ithuba lokuziphindiselela kwiBulls ngoJuni 12 emdlalweni ozokuba seJonsson Kings Park.

Iqembu elizoqeda phezulu kwilogi yilona elizodla umhlanganiso. Lo mqhudelwano bekumele udlalwe amaqembu aseNingizimu Afrika nawaphesheya kodwa isimo seCoronavirus senza ukuthi amaqembu akuleli angavunyelwa ukuya phesheya.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.