ISharks isanenkulumo yango-2007 efuna ukuyiqeda neBulls

Mthokozisi Mncuseni

Ngeke liphele igqubu leCell C Sharks neVodacom Bulls yinqobo nje uma kusekhona abakhumbula umdlalo wamanqamu weSuper Rugby owabe useThekwini ngo-2007.

Ngalelo langa intaka yabe ibekelwe amazolo eThekwini futhi kusobala ukuthi iqembu lasekhaya lizoba ngelokuqala eNingizimu Afrika ukudla lesi sicoco esihlanganisa namaqmbu ase-Australia nawaseNew Zealand.

Nokho uBryan Habana wazinyomfa zonke lezo zinhlelo ngokushaya i-try seliyoshona eyenza iBulls yanqoba kowamanqamu ngo 20-19.

Abaningi basenegqubu kuFrabs Steyn okunguyena okhonjwa ngenjumbane ngokwenzela phansi iSharks kulo mdlalo.

NgoMgqibelo ngo-2 emini eLoftus Versveld la maqembu azodudulana kowamanqmau weCarling Currie Cup kodwa umuzwa unokuthi iSharks ize lapha inegqubu.

Kumjabulisile ukaputeni wayo iSharks uLukhanyo Am ukuthi banqobe kwiWestern Province eKapa.

“Le wini yaseKapa imqoka kakhulu kithi ngoba izokhumbuza bonke abadlali ukuthi banawo amava okushaya iBulls ePitoli.

“Badlala kahle (iBulls) kodwa bayashayeka. Uma sizimisele ngokunqoba kufanele siwakhuphule kakhudlana amasokisi kulokhu esikwenze eKapa ngeledlule bese siphinde sikhulekela nenhlanhla ethi ayifane nale ebisiwela kowandulela owamanqamu,” kusho u-Am.

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.