ISharks isibheke ukwenyusa izinga kwiLions

USikhumbuzo Notshe

SIHLE NDLOVU

ICell C Sharks ayilishintshanga iqembu elizoqala umdlalo uma seyibhekene ne-Emirates Lions emdlalweni weRainbow Cup SA, eJonnson Kings Park, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-4 ntambama.

ISharks iwuqale kahle lo mqhudelwano ngesikhathi ishaya iDHL Stormers ngo 33-30 eKapa ngempelasonto edlule.

Kulo mdlalo iSharks ibuye sekuvalwe amehlo njengoba kuyiStortmers ewuqale kahle umdlalo yahamba phambili ngo 17-0 emizuzwini engu-15 yokuqala.

“Amalungiselelo ethu abalulekile kakhulu ngoba sibheke kakhulu ukwenza kahle enkundleni hhayi imiphumela.

“Siyazi ukuthi uma sidlala kahle nakanjani imiphumela izozizela,” kusho umdlali weSharks uSikhumbuzo Notshe.

Lo mdlali oyibamba kuNombolo 8 kwiSharks kulindeleke ukuthi agqame emdlalweni wangoMgqibelo uma kuya ngendlela awulindele ngayo umdlalo.

“Ngicabanga ukuthi womabili amaqembu azozama ukuphakamisa izinga adlale umdlalo osheshayo.

“Sizokwenza okufanayo uma benquma ukuthatha leso sinqumo futhi ngiyazi nabo bazofuna ukwenza lokho.

“Ukuthatha izinqumo yikho okuzobaluleka kakhulu nokuqinisekisa ukuthi sihlala kwicebo lethu,” kusho uNotshe.

Kunoshintsho oluncane ebhentshini leSharks njengoba uLe Roux Roets ezongena endaweni kaJJ van Mescht, kanti uJaden Hendrikse osanda kwelulama naye uzobe ekhona ebhentshini njenge-scrumhalf.

Komunye umdlalo weRainbow Cup kuzotholana phezulu iStormers neBulls eDHL Stadium, ngoMgqibelo ngo-6.15 ntambama.

Ibophele kanje iSharks: 1. Ox Nche, 2. Fez Mbatha, 3. Thomas du Toit, 4. Ruben van Heerden, 5. Reniel Hugo, 6. Siya Kolisi, 7. Henco Venter, 8. Sikhumbuzo Notshe, 9. Grant Williams, 10. Curwin Bosch, 11. Yaw Penxe, 12. Jeremy Ward, 13. Lukhanyo Am (ukaputeni), 14. Sbu Nkosi, 15. Aphelele Fassi
Ebhentshini: 16. Kerron van Vuuren, 17. Ntuthuko Mchunu, 18. Wiehahn Herbst, 19. Le Rouxe Roets, 20. Phepsi Buthelezi, 21. Jaden Hendrikse, 22, Manie Libbok, 23. Werner Kok

Email: editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.