ISharks iyiwashise ijezi iLions kwiCarling Currie Cup

ISharks iyiwashise ijezi iLions kwiCarling Currie Cup
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

ICell C Sharks iyikhiphe yayiqeda nya iLions emqhudelwaneni iCarling Currie Cup ngesikhathi iyishaya
ngo 56-14 e-Emirates Stadium ngoMgqibelo.

Ukuwina kweSharks kwenze iLions yaphuma embangweni wesicoco seCurrie Cup evele iyabhacaza
kusona kule sizini.

Njengamanje iLions isendaweni yokugcina ngci kwilogi nokuchaza ukuthi ngeke ilokothe idlale imidlalo yomkhumulajezi.

Phezulu kuhleli iVodacom Bulls kanti endaweni yesibili kuhlezi iSharks. Endaweni yesithathu kukhona
iPumas kanti iWestern Province isendaweni yesine.

Imidlalo esele ngeke iyisize ngalutho iLions njengoba ingeke isadlala yona. ISharks inalo ithuba lokuqeda
iqhwakele.

Lokhu kuncike ekutheni ishaye iWestern Province emdlalweni wokugcina abazowudlala eJonsson Kings Park
ng-Agasti 28.

Nokho ngaphambi kwalokho iProvince izobhekana neTafel Lager Griquas ngoMgqibelo eTafel Lager Park.

Kule sizini iGriquas ayibhedelwa njengoba seyike yayishaya iProvince ekhaya eKapa.

FUNDA NALA: ITshakhuma igxume yahlala eqhulwini kwiGladAfrica Championship

Komunye umdlalo odlalwe ngoMgqibelo iPumas ishaye iCheetahs ngo 28-18 yazama ukuqinisa indawo
yayo yesithathu kwilogi.

Ukuwina kwePumas kusho ukuthi inethuba elihle lokudlulela phambili kwiCurrie Cup ngemuva kwesikhathi eside izama.

Mgomhla ka-4 kuSepthemba kuzodlala imidlalo eyandulela owamanqamu. Lapho kudlala amaqembu aqede
ephezulu amane. IBulls iyona evikela indebe eyithathe gnokushaya iSharks ngoJanuwari.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.