ISharks izama ukubuyisela uDyantyi kujantshi

U-Aphiwe Dyantyi
Sihle Ndlovu

U-Aphiwe Dtyantyi, owake wadlalela iLions namaBhokobhoko, angase athushuke kwiCell C Sharks khona maduze nje.

Lo mdlali osedlalele amaBhokobhoko izikhawu eziwu-13, wamiswa ekudlaleni ibhola lombhoxo ngoDisemba ka-2019, kulandela ukwehluleka ukuveza ukuthi kwakungelona iphutha lakhe ukutholakala nezikhuthazi ezingadingeki kulo mdlalo.

Lezi zikhuthazi okuthiwa zinika umdlali umdlandla ongaphezulu, yi-methanedienone, methyltestorone neLGD-4033.

Ngemuva kokuthi zitholakale emzimbeni wakhe ngoJulayi 2019, kwase kunqunywa ukuthi angalinge awuthinte umbhoxo kuze kube ngu-Agasti 12 ka-2023. Nokho angakwazi ukuqala ukuziqeqesha neqembu kusasele izinyanga eziyisithupha ukuthi kuphele isigwebo sakhe.

Ngokusho kwephepha langeSonto, iRapport, uDyantyi uvele useseThekwini lapho ehlolwa khona, futhi eqeqeshwa ngendlela eseqophelweni eliphezulu ukuze aphinde adlale umbhoxo ngemuva kweminyaka emine.

Uma egcina ejoyine iSharks, uDyantyi uzolandela abanye abadlali abasha kuleli qembu, okubalwa kubona u-Eben Etzebeth, Rohan janse van Rensburg, Carlu Sadie noVincent Tshituka.

Lo mdlali isamvuna kakhulu iminyaka njengoba esena-27 kuphela. Uma edlala kahle kwiSharks angazithola ebuyela kumaBhokobhoko.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *