ISharks itshuze yaya esicongweni ngemuva kokuvulela isibhaxu kwiLions

ISharks izitshuze yaya esicongweni ngemuva kokuvulela isibhaxu kwiLions

Sihle Ndlovu

ICell C Sharks isesicongweni seCarling Currie Cup ngemuva kokushaya iSigma Lions ngo 43-31 e-Emirates Airlies Park eGoli ngoMgqibelo.

Ukuwina kahle kweSharks kuyenze yathola iphuzu lebhonasi elibalulekile, okuyilona eliyisize ukuthi iqhwakele ngamaphuzu angu-14 emidlalweni emithathu.

Abadlali abagqamile kwiSharks kulo mdlalo kube ngoCameron Wright, okhahlela into eqondile ngaso sonke isikhathi, noReniel Hugo.

Nokho okugqamile kulo mdlalo ukuthi iLions, ebishaya ngabafana abancane, ibingazibekile neze phansi njengoba kuyiyona eshaye itry kuqala kulo mdlalo.

Kubuye kwacaca nokho ukuthi isipiliyoni asithengwa njengoba iSharks ibuye ngamandla yashaya ama-try amahlanu, yase ithola iphuzu lebhonasi.

Umehluko kula maqembu kube amaphenathi amane atholwe yiSharks njengoba womabili amaqembu eshaye ama-try amahlanu.

FUNDA NALA: OweGalaxy ufuna baqhubeke nokuvulela isibhaxu kwiPSL

Abadlali abashaye ama-try kwiSharks uMarnus Potgieter, Cameron Wright, Thembelani Bholi, Mpilo Gumede noDan Jooste.

Ama-conversion ashaywe uBoeta Chamberlain (amabili) noSanele Nohamba. Amaphenathi aqotshelwe phakathi uChamberlain (amabili), kwathi uNohamba naye washaya amabili.

Ngasohlangothini lweLions ama-try ashaywe uBolwin Hansen, Emmanuel Tshituka, Divan Rossouw, Morne Brandon noJames Mollentze.

Ama-conversion ashaywe uVaughen Isaacs, amathathu. ISharks izodlala umdlalo olandelayo nePumas ngoMashi 4 eMbombela Stadium.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.